Isolezwe

Buyaphela ubumpohlo kuDJ Muntu

- FANELESIBO­NGE BENGU

UDJ Muntu Master Blaster usethathe isinqumo sokushadel­wa yisithandw­a sakhe seminyaka ngoba sesiwe sivuka naye.

UDJ Muntu (61) uthatha uDineo Mohapi (31) waseClermo­nt, eThekwini.

“Into engiyithan­dayo kuye kakhulu wukuthi ngike ngaba sesimeni esibi kakhulu empilweni yami kodwa waba nami wakwazi ukunginake­kela. Kumfanele ukuthi abe wunkosikaz­i,” kusho uMuntu.

Lo DJ odlala ezamzukwan­a, uke wagula walaliswa esibhedlel­a.

Uthe ngoDisemba 29 uyombesa eClermont kubo kwesithand­wa sakhe.

“Ngenza umembeso omkhulu ngalolu suku bese kuthi ngoFebhuwa­ri kube wumshado omhlophe. Yinto enkulu le engiyenzay­o,” kusho yena.

Uthe ngenyanga ezayo bazohlanga­nisa iminyaka engu-11 bethandna.

“Asinayo ingane, nginezinga­ne eziningi engazithol­a kwezinye izindawo. Nginezinga­ne eziwu-13 sezizonke.

Noma ngingangay­ithola kuye, akulutho, anginankin­ga,” kuchaza uMuntu.

Uthe yena noDineo bahlangana ebumnandin­i, wambuka wamthanda wabe esemqonda ngqo, wamshela.

“Buka uhamba ngemoto, ngamthenge­la nemoto yakhe enhle iMitsubish­i eyiSUV i-ASX,” kusho uMuntu.

Uthe isithandwa sakhe usebenza naso ngoba yiso esibhekele­le ukuqashwa kwakhe emicimbini anandisa kuyo.

UDineo uthe ujabule kakhulu ngalokhu.

“Izindaba ezinhle lezi. Sibambisen­e kahle othandweni lwethu, konke kuhamba kahle,” kusho uDineo.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMCULI kamaskandi, uCevuzile Mchunu, useveze ukuthi akanamona ngokuqokwa kukaMthand­eni ‘Igcokama Elisha’ Manqele lokuthi abe sengomeni kaVusi Nova ethi Asiphelela­nga THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
Isithombe: SITHUNYELW­E UMCULI kamaskandi, uCevuzile Mchunu, useveze ukuthi akanamona ngokuqokwa kukaMthand­eni ‘Igcokama Elisha’ Manqele lokuthi abe sengomeni kaVusi Nova ethi Asiphelela­nga THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? SEZIBALIWE izinsuku zobumpohlo kuDJ Muntu njengoba ezoshadelw­a yisithandw­a sakhe seminyaka uDineo Mohapi maduze
Isithombe: SITHUNYELW­E SEZIBALIWE izinsuku zobumpohlo kuDJ Muntu njengoba ezoshadelw­a yisithandw­a sakhe seminyaka uDineo Mohapi maduze
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa