Isolezwe

Usesibhedl­ela abathi ushiswe yiphoyisa

- ZANELE MTHETHWA

ILALISWE esibhedlel­a indoda yaseMatikw­e, eNanda, okuthiwa ibhunyelwe yiphoyisa ngophethro­li layishisa ngaphambi kokuthi lishise nendlu yakubo entathakus­a yangeSonto.

Umndeni kaMnuz Wonder Zwane (28) uthe akakwazi ngisho ukuziyela ethoyileth­i ngenxa yokushiswa yiphoyisa ebelimsola ngokweba imali yentombi yalo. Unina kaZwane, uNksz Gugu Zwane, uthe iphoyisa elisolwayo lijwayele kaZwane ngoba likhanda khona izimoto. Nentombi yalo iyavakasha kuzophuzwa futhi abakaze baxabane nephoyisa.

“Intombi yephoyisa ithe ayisawubon­i uR400 esikhwamen­i ebikade ihleli nawo endlini kuphuzwa. Iphoyisa lifikile lizobuza indaba yemali labuye lahamba. Libuye entathakus­a ngezithuba zabo-4 selizoshis­a indlu, labhunyela noWonder ngophethro­li. Ngisho ezama ukubaleka belifuna ukumphindi­sela endlini, eshayo,” kusho uNksz Zwane.

UZwane uphuthunyi­swe emtholampi­lo wafika khona wadlulisel­wa esibhedlel­a. Uthe umndeni uyesaba ngoba abazi noma iphoyisa lizobuya yini lizobaqede­la.

UNksz Zwane uthe indodana yakhe ibhandishw­e ngisho nasebuswen­i ivele ngamehlo ngenxa yokusha. Uthe kufike amaphoyisa ezobalanda ukuyobhala isitatimen­de ngezithuba zabo-8 ebusuku, bavula necala esiteshini eMtshebhen­i. Kuthiwa iphoyisa elisolwayo lisebenza kusona lesi siteshi.

UNksz Zwane uthe bashelwe ngisho yizingubo zokugqoka nempahla yasendlini, basakhosel­iswe omakhelwan­e.

Umfowaba kaZwane, uSiphesihl­e Zwane (16), uthe naye usinde ngokulambi­sa. Uthe ubesendlin­i ngesikhath­i kusha, waphuma ngesamagun­dane. Ukugcizele­le ukuthi indaba isuswe wukulahlek­a kwemali kodwa ayintshont­shwanga yibona.

Kuthintwa iphoyisa, uMnuz Vee Ngobese, uthe uyasukelwa. Uvumile ukuthi uyiphoyisa futhi uyawazi umndeni ukhanda kuwo imoto.

“Ngiwazwile lawo mahlebezi okuthi kukhonjwa mina ngokushisa umuzi. Ngigcine kulo muzi kungakenze­ki lutho ngoba ngikhanda khona imoto. Ngithe sengifika emsebenzin­i namhlanje (izolo) ngathola ukuthi kusolwa mina,” kusho uNgobese.

Uthe uzamile ukuyozizwe­la emndenini kodwa watshelwa ukuthi uNksz Zwane usesibhedl­ela.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenan­tColonel Thulani Zwane, uthe kuvulwe icala lokushisa kodwa akukaboshw­a muntu. Akazange akuqinisek­ise ukuthi umsolwa uyiphoyisa.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa