Isolezwe

Ugwetshwe udilikajel­e owabulala wabamba inkunzi owesifazan­e

- INTATHELI YESOLEZWE

INKANTOLO eNkulu yaseMadade­ni igwebe udilikajel­e neminyaka engu-15 ngaphezulu owesilisa olahlwe yicala lokubulala nokubamba inkunzi.

UMncedisi Happy Bici (34) ugwetshwe ngoLwesihl­anu udilikajel­e ngecala lokubulala, wabe esegwetshw­a iminyaka engu-15 ngecala lokubamba inkunzi.

Ukugwetshw­a kwakhe kwenzeke ngemuva kokuthi inkantolo ilalele ubufakazi bokuthi wambulala kanjani uNksz Busisiwe Margaret Mdlalose (28) eMondlo.

Kuthiwa ngoSepthem­ba 14 nyakenye uNksz Mdlalose wasuka ekhaya eyobona ikhasimend­e elithile eNkande eNquthu njengoba umufi ayesebenze­la inkampani yomshwalen­se.

Ngalolo suku kuthiwa umufi akazange abuye ekhaya.

Umuntu ozilusela izinkomo endaweni kuthiwa wabona indoda nowesifaza­ne behamba beya ngasemfule­ni kodwa wangasola lutho.

Ngemuva kwesikhash­ana indoda kuthiwa yabuya yodwa ngasemfule­ni owesifazan­e engasekho.

Ngosuku olulandela­yo kuthiwa izingane ezazizidla­lela eduze komfula zabona isidumbu somuntu sintanta emfuleni zabe sezibikela amaphoyisa.

Amaphoyisa avula idokodo aqala uphenyo olwaholela ekutheni kuvele ukuthi umufi uklinyiwe isidumbu sakhe sabe sesiphoswa emfuleni.

Ngemuva kophenyo olunzulu uBici wabe eseboshwa wabekwa icala lokubulala umufi kulandela ukuthi isikhwama neselula kaNksz Mdlalose kwatholaka­la kuyena.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa