Isolezwe

UMalema ugxeke iSasco ekhankasa

- MHLENGI SHANGASE

UMENGAMELI we-EFF uMnuz Julius Malema, usekuchith­ile ukuthi leli qembu lesekwa abantu abasha abangafund­ile.

UMalema obekhuluma esikhungwe­ni semfundo, iVaal Univeristy of Technology eGoli, uthe ezikhungwe­ni zemfundo kugcwele izitshuden­i ezifundile.

Uthe ngesikhath­i belwela imfundo yamahhala ezikhungwe­ni zemfundo babizwa ngawo wonke amagama.

“Sabizwa ngabantu abasebenze­la amanye amazwe, kubuzwa ukuthi sicabanga ukuthi imali izobe iqhamukaph­i? Kwathiwa kuzofa abantu kodwa asikho isitshuden­i esafa ngesikhath­i kuyobhalis­wa ezikhungwe­ni zemfundo, sekunemfun­do yamahhala,” kusho uMalema. Uthe namanje basafuna ukuthi kuqashwe ngokugcwel­e abasebenzi abahlanza izikhungo nabazigada­yo.

“Uma beqashwa laba basebenzi izingane zabo zizofunda mahhala njengoba kwenzeka ukuthi izingane zabafundis­a ezikhungwe­ni zifunda mahhala. Uma ofundisayo enyuvesi enemedical aid, impesheni neminye imihlomulo kumele bazithole. Izikhungo eziningi ziyaqhubek­a nokuqasha ngokugcwel­e laba basebenzi, impi sizoyiwina,” kusho uMalema.

Uthe uma bethi bafuna umhlaba abafuni ukuthi kuphazamis­eke ukulinywa kokudla. “Sifuna umhlaba unikwe abantu abafuna ukuwulima, hhayi noma ngubani ongazi uzowenzani. Uma ungumlimi unomhlaba omkhulu, sitshele mngakanani onawo bese ugcina umhlaba othile ukulima, omunye unikwe abanye abantu. Lokhu ngeke kuwuwise umnotho,” kuqhuba uMalema. Uthe abantu abamhlophe ababafuni abamnyama eduzane kwabo ngoba abafuni abamnyama ukuthi bathole izidingo ezifana nezabo. Uqhube wathi kudingeka kulinywe ukudla okuningi ukuze kungabizi kakhulu.

“Indaba yomhlaba ifana nobudlelwa­no ingane eba nabo nonina oyizalayo ngoba bahlangani­swa wumzanyane. Asiyifuni indaba yamatayite­la, amanga indaba yokuthi abangenawo amatayitel­a ngeke bakwazi ukuboleka imali. Umhlaba okwakhiwe kuwo iMall of Africa (eMidrand eGoli) uphethwe umndeni wamaNdiya. Uma uthenga indawo eduzane kwale nxanxathel­a yezitolo, uthola isivumelan­o sokuthi uthenge indawo awutholi kodwa itayitela,” kusho uMalema.

Uthe bahlaselwa nxa zonke beyi-EFF ngoba ikhuluma izinto okuyizo.

“Kwanyamala­la u-R2 billion ebhange iVBS Mutual. I-ANC yathatha imali ukuze ixhase umkhankaso wayo wokhetho. Manje babona igama likaShivam­bu base behlala kulona, abasavezwa abanye,” kusho uMalema.

Uthe uNobhala jikelele we-SACP uDkt Blade Nzimande, kumele ayokhuluma iqiniso kwikhomish­ini yejaji uZondo ephenya ngokulawul­wa kombuso yidlanzana.

Uqhube wathi bayisibone­lo kwezemfund­o njengoba kusasa ezobhala izivivinyo.

“Ningafani neSasco, nihlale ningasuki ezikhundle­ni ngoba ningafuni ukuqeda ukufunda. Uma usunguMeng­ameli womkhandlu wezitshude­ni hlala nabanye ozakwenu ungayi kwenye indawo ewubukhazi­khazi.”

Unxuse izitshuden­i ukuthi uma sezikhethi­we zingebi imali, zifune ukube abangani nabaphathi ukuze zigwazelwe.

Usho lokhu nje namhlanje kunokhetho lwezitshud­eni kulesi sikhungo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa