Isolezwe

Kumbiwe isidumbu ‘sowayeyoth­wasa’

- NONTUTHUKO NGUBANE

SIMBIWE izolo emathuneni aKwaGijima eGreytown, isidumbu sowesifaza­ne owangcwats­hwa ngephutha umndeni okungesiwo ngo-Ephreli nonyaka. Izolo, amaphoyisa aseKingsle­y eVryheid ehambisana nabaka-Avbob bambe isidumbu sowesifaza­ne owangcwats­hwa ngabomnden­i kaNksz Zandile Phungula (27) bezitshela ukuthi isidumbu sakhe. UNksz Phungula wafika kubo emuva kwesonto engcwatshi­we.

Isidumbu salo wesifazane obembiwa kukholakal­a ukuthi ngesikaNks­z Sbongile Zikalala (36), owaduka eyothwaswa emfuleni waseBlood River.

Isolezwe libikile ngalolu daba ngoEphreli nonyaka ngesikhath­i kufika owesifazan­e kwabaleka abantu ngoba bezitshela ukuthi yisipoki, kwazise babezitshe­la ukuthi usashona. Isolezwe laphinde labika ngesikhath­i sekuvela umndeni wangempela walo wesifazane okwakuthiw­a ungcwatshi­we. Isolezwe lithole ukuthi njengoba sekumbiwe lesi sidumbu sizobe sesiyiswa emakhazeni kahulumeni eNewcastle lapho kuzokwenzi­wa khona ulibofuzo oluzoqinis­ekisa ukuthi ngesikaNks­z Zikalala ngempela yini. Uma sekuphothu­lwe ulibofuzo umndeni uzobe usuthatha isidumbu bese uyazingcwa­bela. Omunye umthombo weSolezwe osondelene nodaba uthe isidumbu salo wesifazane bese sonakele kwazise sasingcwat­shwe ngengubo kanti kulekelele namachemic­als ukuqeda iphunga laso. Abomndeni kaNksz Zikalala bathe bazolinda ulibofuzo oluzoqinis­ekisa ukuthi nguye ngempela yini. UNksz Tholakele Buthelezi, oyisihlobo sikaNksz Zikalala watshela Isolezwe ukuthi babengazit­sheli ukuthi isidumbu esakhishwa emanzini ngesikamuf­i. Babekholel­wa ukuthi uyathwasa emanzini, usazobuya ngakho bangalivul­a icala lokulahlek­a kwakhe. Baze baya emaphoyise­ni sebethole ukuthi isidumbu esatholwa akusona esakwaPhun­gula. Babona ngezithomb­e ezashuthwa ngamaphoyi­sa nezingubo ukuthi kungenzeka kube ngesikaNks­z Zikalala.

UNksz Phungula wathi wayezihlal­ele nomunye ugogo eNsuze ngoba engenayo imali yokubuyela kubo eGreytown njengoba wayebaleki­le eVryheid lapho ayehlala khona. Izolo ayiphumele­langa imizamo yokuthola umndeni kaNksz Phungula.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa