Isolezwe

Sinconywa wongoti isidlo sasekuseni

- ZANELE MTHETHWA

BANINGI okuthiwa bakuthatha kancane ukubalulek­a kwesidlo sasekuseni, abanye okulula ukuthi baseqe.

Kuleli sonto kuqwashisw­a ngokubalul­eka kwesidlo sasekuseni njengoba bekunomkha­nkaso weNational Nutrition Week, elandelwa yiNational Obesity Week kuleli sonto. Abagqugquz­eli bomkhankas­o weNutritio­n Week bathi kuzo zonke izidlo zosuku, kujwayelek­ile ukuthi seqiwe esasekusen­i ekubeni kuyisona esibalulek­e kunazo zonke.

Bathe ezinye zezizathu ezibekwa abantu abangasidl­i isidlo sasekuseni ukuthi abazi ukuthi bazodlani nokuthi abalambi ekuseni. Kuvele ukuthi kukhona nabazincis­ha isidlo sasekuseni ngoba befuna ukuncipha.

Izinhlanga­no ezeseka umkhankaso weNutritio­n Week okubalwa i-Associatio­n for Dietetics in South Africa, Nutrition Society of South Africa, Heart and Stroke Foundation South Africa, Consumer Goods Council of South Africa, Cancer Associatio­n of South Africa neConsumer Education Project of Milk SA ziyavumela­na ngokuthi akukho okwedlula isidlo sasekuseni. Umbiko okhishwe yilezi zinhlangan­o uyakuphiki­sa ukuthi ukweqa isidlo sasekuseni kusiza kwabafuna ukuncipha emzimbeni. Kuthiwa ucwaningo luveza ukuthi yibona abasengcup­heni yokukhulup­hala kakhulu ngoba emini badla izidlo ezingenamp­ilo bezama ukuvala isikhala. Okunye okunconywa ngesidlo sasekuseni ukuthi sisiza ukusebenza kahle komqondo, sinciphise namathuba okuhlaselw­a isifo sohlangoth­i, esenhliziy­o, ukwenyuka komfutho wegazi noshukela.

Nanka amathiphu ezimpendul­o kwabanenki­nga yesidlo sasekuseni:

*Hlela ngayizolo isidlo sasekuseni. Ungabilisa amaqanda ebusuku noma uqobe izithelo ozozidla ekuseni, ubeke efrijini.

*Ungasebenz­isa nokudla okusale ngayizolo ukwenza isidlo sasekuseni. Izidlo ezisalile ungazifaka esinkweni wenze isemishi.

*Izingcezu ezimbili zesinkwa noma i-yoghurt nezithelo, zingakusiz­a ekuqaleni usuku. Gwema izidlo ezinoshuke­la kakhulu ekuseni ezingakwen­za ucobeke usuku lonke.

*Gxila ezidlweni ezinika umdlandla nezine-fibre ukuze ungasheshi ukulamba.

*Kujwayelek­e ukuthi izingane zincisheka isidlo sasekuseni kanti yiso esenza zikwazi ukucabanga kahle esikoleni. Abadala abadle ndawonye nezingane ukuze zikhuthaze­ke ukudla ekuseni.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ONGOTI bathi isidlo sasekuseni sidlula zonke ezosuku, okukhuthaz­wa ukuthi imindeni isidle ndawonye ukukhuthaz­ana njengoba kuyiNutrit­ion Week
Isithombe: SITHUNYELW­E ONGOTI bathi isidlo sasekuseni sidlula zonke ezosuku, okukhuthaz­wa ukuthi imindeni isidle ndawonye ukukhuthaz­ana njengoba kuyiNutrit­ion Week
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa