Ithuba kwabeBucs abakhuhla ibhentshi
BAQINISWE idolo abadlali be-Orlando Pirates abangasitholi isikimu eqenjini selokhu befikile kuyona.
Kulabo badlali kukhona u-Abel Mabaso no-Asavela Mbekile abamenyezelwa ngesikhathi iPirates idalula ukuthi isisayinise abadlali abayisishiyagalolunye “ukuzoqinisa iqembu”.
Laba badlali abayibamba emuva abakalitholi ithuba ngaphansi kobuholi bomqeqeshi uMilutin “Micho” Sredojevic, selokhu kuqale isizini.
UMabaso noMbekile basayiniswa noLinda Mntambo, Paseka Mako, Kudakwashe Mahachi, Meshack Maphandule, Vincent Pule, Brilliant Khuzwayo noBen Motshwari.
Abanye balaba badlali bafike bangena khaxa ezinhlelweni zikaSredojevic njengoPule, osephenduke isithandwa sabalandeli beBucs. UMotshwari useke walithola ithuba waze waqokwa njengomdlali ovelele.
UKhuzwayo yena usanda kubuya ekulimaleni.
Ngempelasonto ngemuva kokushaya iKaizer Chiefs kowabakhaya, uMicho uzithole ephendula umbuzo ngokungadlaliswa kukaMabaso noMbekile.
Intatheli beyifuna acacise ngokungabonakali kwalaba badlali basemuva, ekubeni cishe bonke abadlali abayibamba kule ndawo sebeke balithola ithuba.
UMicho useke wadlalisa uMthokozisi Dube emuva kwesokudla, uThabo Matlaba kanjalo no-Abubaker Mobara okunguyena obeyibambile koweChiefs. Umbuzo ubusekutheni kungani laba benganikwa ithuba bona ekubeni, bengabadlali bemvelo basemuva kwesokudla?
“UDube ubelimele, uMatlaba ubegula. UMabaso uyadlala kwiMDC (Multichoice Diski Challenge) kanti uMbekile sesike samsebenzisa emidlalweni yobungani, okusho ukuthi sibabhekile futhi bayangqongqoza. Umsebenzi wethu wukubophela abadlali esikholwa wukuthi bazowenza umsebenzi ngaleso sikhathi. Ngiyakholwa wukuthi labo badlali bazolithola ithuba. Umnyango uvulekile ikakhulukazi njengoba kuseza nemidlalo yeChampions League,” kusho uSredojevic.
UMicho uchaze ngendlela efanayo ngesinqumo sokubophela uSiyabonga Mpontshane emapalini ekubeni bekukade kuvimbe uJackson Mabokgwane emidlalweni eyandulele owabakhaya.
Uthe basezingeni eliphezulu bonke onozinti bakhe ebala noKhuzwayo oseluleme noWayne Sandilands ovimba kwiMDC.
“Kodwa sithe masibheka okunguyena obezokwazi ukuthwala umsebenzi kowabakhaya sabona uMpontshane kunguyena ophambili.”
NgoMgqibelo iPirates izotholana phezulu naMaZulu FC emdlalweni we-quarterfinal yeTelkom Knockout. Umdlalo uzogijinywa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngo-6 ntambama.