Isolezwe

UROHR USHAYE NGESITHEND­E ISETHENJWA SE-NIGERIA

-

i-Orlando Pirates okwenze kwanyakaza nabalandel­i bawo Amakhosi abasePhala­mende. UHolomisa, ongomunye wabalandel­i beChiefs abaqavile futhi abangazifi­hli, ukhala ngokushint­sha isikimu kuyona yonke imidlalo. Ngokusho kwalo sopolitiki, uSolinas uzowela esikhinsin­i esifanayo nalesi okuwele kusona obengumqeq­eshi weChiefs, uSteve Komphela.

“Ngikholwa ukuthi inkinga enkulu yeChiefs ikumqeqesh­i uqobo. Akubona abadlali kepha ukushintsh­wa kwesikimu kuyona yonke imidlalo isidingo singekho yikhona lokhu okubuyisel­a iqembu emuva. Anginawo amava angako ebholeni kodwa ngiyazi ukuthi ukushintsh­a ngaso sonke isikhathi kudala ngisho uqhekeko kubadlali. Kunzima kabi ukujwayela umuntu omusha ozodlala naye kuyona yonke imidlalo,” usho kanje uHolomisa.

Neqhawe lakho uPotshoza lihambisan­a naye umhlonishw­a ngoba yena uSolinas uyakholelw­a impela ekushintsh­eni isikimu njengoba kowabakhay­a baseSoweto eqale ngoBernard Parker ekubeni kuwumdlali ongasajway­ele ukuqala imidlalo. Nokusala ngaphandle kukaDaniel Cardoso okunguyena obeqala imidlalo phambili kuthusile. Lokhu bekuchaza ukuthi uSolinas uzoqala owabakhaya ngoMario Booysen osanda kusayina eqenjini.

“Inkinga ngomqeqesh­i wethu omusha ukuthi akazange afunde lutho kuKomphela obesiqeqes­ha phambilini. Inkinga kaKomphela yikhona ukushintsh­a isikimu njalo kodwa noSolinas ubukeka ezimisele ngokuwa lapho kuwe khona umqeqeshi wethu waphambili­ni,” kusho uHolomisa.

UMQEQESHI weqembu lesizwe laseNigeri­a, uGernot Rohr uthi akasayinge­ni eyamakhehl­a kumaSuper Eagles, usefuna abadlali abancane.

Lokhu ukwenze kwacaca ngesikhath­i ememezela isikwati esizobheka­na neBafana Bafana kweyokuhlu­ngela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngenyanga ezayo.

URohr ushiye ngaphandle isethenjwa seminyaka kwiNigeria, uJohn Obi Mikel oke wagijima kwiChelsea yase-England eminyakeni edlule.

UMikel ubeyingxen­ye yeqembu ebelidlala kwiNdebe yoMhlaba ebiseRussi­a ngoJuni.

Abanye abadlali abahlonish­wayo abangeke badlale uma iSuper Eagles isibhekene neBafana, uVictor Moses noWilfred Ndidi abasanda kumemezela ukuthi abasezokub­a yingxenye yeNigeria sebezogxil­a emaqenjini abo. Isikwati seNigeria simi kanjena: Onozinti: Daniel Akpeyi (Chippa United‚ South Africa‚ Ikechukwu Ezenwa (Enyimba)‚ Francis Uzoho (Elche‚ Spain)

Abasemuva: Ola Aina (Torino‚ Italy)‚ Semi Ajayi (Rotherham United‚ England)‚ Adeleye Aniyikaye (IfenayiUba­h)‚ Leon Balogun (Brighton and Hove Albion‚ England)‚ Jamilu Collins (Paderborn‚ Germany)‚ William Ekong Troost (Udinese‚ Italy)‚ Bryan Idowu (Lokomotiv Moscow‚ Russia)‚ Kenneth Omeruo (Leganes‚ Spain)

Esiswini: Mikel Agu (Vitoria Setubal‚ Portugal)‚ Oghenekaro Etebo (Stoke City‚ England)‚ John Ogu (Hapoel Be’er Sheva‚ Israel)

Phambili: Samuel Chukwueze (Villarreal‚ Spain)‚ Odion Ighalo (Changchun Yatai‚ China)‚ Kelechi Iheanacho (Leicester City‚ England)‚ Alex Iwobi (Arsenal‚ England‚ Samuel Kalu (Girondins Bordeaux‚ France)‚ Ahmed Musa (Al Nasr‚ Saudi Arabia‚ Victor Osimhen (Charleroi‚ Belgium)‚ Moses Simon (Levante‚ Spain‚ Isaac Success (Watford‚ England)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa