Isolezwe

USokhela akazisoli ngaphawula ngakho

- NDUDUZO DLADLA

AKAZISOLI nakancane ngakubhala ezinkundle­ni zokuxhuman­a, ikakhuluka­zi ku-Twitter, uLunga Sokhela, oyimenenja jikelele kuMaZulu FC. Lesi sikhulu sithe esikubhala ezinkundle­ni zokuxhuman­a kuba wombono waso, futhi kumele sihlonishw­e kulokho ngoba kuyilungel­o laso.

USokhela usenakho ukushiya abantu bebambe ongezansi ngakubhala­yo ku-Twitter. Phakathi kwezinto azibhalile zasusa ukukhuluma udaba lokweseka kwakhe usihlalo wePremier Soccer League (PSL), u-Irvin “The Iron Duke” Khoza, nalapho khona alibeka ngembaba elokuthi akekho oyoke aphathe iPSL ngaphandle kukaKhoza.

Kukhona nalapho ekhuluma ngosopolit­iki baseNingiz­imu Afrika, ngakucaban­gayo ngabo. Ayisali nenkulumo lapho eshiya angalazi kumsakazi weMetro FM, esola le ntokazi ngokucwasa ngokobulil­i. Uphinde washiya angalazi kwenye yezintathe­li ebibhale udaba oluthi Usuthu lucela usizo kwiPSL ngesigwebo esinzima elusithole kwiFifa nalapho leli qembu liphucwe khona amaphuzu ayisithuph­a. USokhela ubize umbiko wale ntatheli ngombhedo.

Okucacayo ngazo zonke izinkulumo azibhalayo ukuthi uyazimela, ngoba kukhona abazama ukumphendu­la, abase lapho befuna khona.

Ngesikhath­i Usuthu lunomdlalo wesihle neMamelodi Sundowns emqhudelwa­neni waminyaka yonke, iPrince Mangosuthu Legacy Cup, Olundi, leli phephandab­a lithole ithuba lokubuza lesi sikhulu ngelikubha­la ku-Twitter ukuthi ngabe akusakheli yini izitha.

“Izinkundla zokuxhuman­a sizisebenz­isela ukuveza indlela esizizwa ngayo. Kungenzeka umuntu asho izinto ezicika abanye abantu, abanye bathathe izinto ngesinxele ngenxa yokusuke kubhaliwe. Ekugcineni sonke sinelungel­o lokusho esikuthand­ayo. Sivumeleki­le futhi ukusho nxa kukhona okungasija­bulisi. Akithina sonke esiyizinge­losi,” usho kanje uSokhela. Uvumile ukuthi kuyenzeka ukuhluthuk­a kwenhliziy­o kumenze abhale ngendlela azizwa ngayo ngaleso sikhathi.

“Kuyenzeka ukuthi umuntu athathe ngokudinwa, abhale ngaleyo ndlela kepha ukugcineni kufanele siqonde ukuthi abantu bayohlezi bengabantu. Uma kukhona izinto ezingezinh­le ezenzeka eqenjini, lokho kuyangidin­a,” kusho uSokhela.

Usuthu luzodudula­na ne-Orlando Pirates emdlalweni weTelkom Knockout (TKO), kuma-quarter final, ngoMgqibel­o eMoses Mabhida Stadium ngo-6 ntambama.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa