Isolezwe

AboZalo babongwe ngokuzimis­ela

- FANELESIBO­NGE BENGU

ISILOMO somlingisi woZalo, uKhaya “GC” Dladla, sithe bangaphans­i kwenkulu ingcindezi ngoba kumele banyuse izinga kwisizini entsha yalo mdlalo ngonyaka ozayo.

UKhaya ubekhuluma emcimbini wokuphothu­lwa komsebenzi wesizini yesine yalo mdlalo okhonjiswa ngo-8.30 ebusuku phakathi nesonto kuSABC 1. Umcimbi ubuseViews at Twenty5, eThekwini, ngoLwesibi­li ebusuku. Uthe ukuvula kwababukel­i uSABC 1 kushintsha impilo zYabo. “Angazi ngezinye izinhlelo ezinababuk­eli abangu-100.”

Uthe miningi imidlalo ngesikhath­i sabo kodwa uyajabula ukuthi abantu abangu-10.2 million eNingizimu Afrika babuka Uzalo. “Singaphans­i kwengcinde­zi. Izinyanga ezimbalwa zokuqala zesizini yesihlanu kumele okungenani sibe nababukeli abangu-11 million. Kumele kwenzeke, ngijabule.”

Uhalalisel­e ozakwabo wathi basazowola izindondo.

UGugu Gumede onguMaMlam­bo, uthe ngesikhath­i beqala abantu babebabiza ngamavukan­a ekulingise­ni. “Sibheke manje. Sasebenza ngokuzikha­ndla.” Umdidiyeli womdlalo uMmamitse Thibedi, uthe ukuba nababukeli abangu-10.2 million akusiwona umdlalo.

“Kusho ukusebenza ngokuzikha­ndla nokuzinike­la. Ngithanda ukunibonga (esho abalingisi). Abasebenzi bayamangal­isa. Sisebenza izinsuku eziyisithu­pha ngesonto, amahora angu-12 ngosuku. Emvuleni, othulini nasebumnya­meni bahlale bekhona bephila futhi bayawazi umsebenzi. Banethalen­te eliyisiman­ga.”

Ubonge ababukeli wathi bangabantu abamnyama asebexoxa izindaba zabo futhi bazemukela kahle. Kulo mcimbi bekunabali­ngisi okunguMaso­ja “Nkunzi” Msiza, Baby “Gabisile” Cele-Maloka, Simphiwe “Sbu” Majozi, Ntokozo “Mastermind” Dlamini, Nocxy “Thobile” Mabika nabanye. Kunandise iDistructi­on

Boyz, DJ Tira noTipcee. AKAZISOLI OPHIKISE IZIFUNGO ZOMSHADO

Mbongi Dlamini: Vele usuke ungaphoqiw­e ezifungwen­i, usho lokho ozokumela kusasa kodwa okukaNyamb­ose izinto abezenza ziyangisol­isa engathi besekuhamb­isana namankwebe­vu.

Msizi Richard: Abantu badinwa yini ngoba lo muntu ubekhuluma okuzohambi­sana nenhliziyo yakhe, usebenzise imali yakhe futhi kusho ukuthi bebezojabu­la ukuba ubekhuluma amanga wodwa.

Malencane Nkunzebomv­u Mkhize: Ngiyavuma kona indlela akade enza ngayo kade isinehaba. Kwenziwela­ni kona, ufunge amanga ashiwo umfundisi? UPHUME NGEBHEYILI UJALI EMVA KOKUBOSHWA

Bhambatha Ka Mancinza: Wayengeke alunge lo phesheya uma esahlulwa izinkamba ngalolu hlobo, kodwa ke ayidingi thina le ndaba ngoba akaphuzang­a emsebenzi.

Mbongi Dlamini: Kanti unenhliziy­o encane nasendlini, bengithi isenkundle­ni kuphela kodwa nabo utshwala bunomthele­la. ISABC IHLELA UKUNCIPHIS­A ABASEBENZI

Ntuthuko Zethembe Zondi: Iyaxaka le nto yakwaSABC. Bathi lokho kuzosiza ekongeni imali kusiza ngani ngoba abazodiliz­wa bahola oR7 000 kodwa kunezikhul­u ezihola oR1 million.

Dumi Mngoma: Sinyukile nesibalo sabantu abangasebe­nzi. Bakwethu asivotele enye inhlangano ke sibone ukuthi ingenzanja­ni.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ?? Isithombe: SIBONELO NGCOBO ?? ABALINGISI boZalo uMasoja Msiza onguNkunzi, Thabo Mnguni odlala indawo kaMbatha, Ntokozo Dlamini onguMaster­mind, Khaya Dladla onguGC noThembink­osi Thwala onguMondli beseViews at Twenty5 ngoLwesibi­li ntambama ngesikhath­i lo mdlalo unomcimbi wokuvala unyaka
Isithombe: SIBONELO NGCOBO ABALINGISI boZalo uMasoja Msiza onguNkunzi, Thabo Mnguni odlala indawo kaMbatha, Ntokozo Dlamini onguMaster­mind, Khaya Dladla onguGC noThembink­osi Thwala onguMondli beseViews at Twenty5 ngoLwesibi­li ntambama ngesikhath­i lo mdlalo unomcimbi wokuvala unyaka
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa