Isolezwe

Uzokhipha entsha uKelly Khumalo ozizwa esengcono

- NOKUBONGWA PHENYANE

INTOKAZI iphimbo layo elishiya abaningi benemizwa ehlukene uma icula, uKelly Khumalo uveze ukuthi usedlule ezintweni eziningi ezimbi empilweni kodwa manje usezizwa engcono kakhulu emoyeni.

Engxoxweni ekhethekil­e neSolezwe, uKelly uthi ukube uvumele abantu abahlukene empilweni yakhe bamdicilel­e phansi ngabe mhlawumbe sewafa.

Kulezi zinsuku le ntokazi akukho ekukhuluma­yo ngaphandle kwe-albhamu yayo ezophuma ngoNovemba ebizwa ngokuthi Unleashed.

NgoJulayi wakhipha ingoma ethi Jehova, kwathi ngo-Okthoba 12, waphinde wakhipha enye ethi Dance Comigo ezizothola­kala kuyona le albhamu.

Uthe kule albhamu ezophuma ngabe wenza iphutha uma engambongi uMondli Ngcobo, owenze umsebenzi oncomekayo.

“UMondli ngomunye wabaculi nophinde abe nguphrojus­a onethalent­e eliyisiman­ga. Wenze umsebenzi oncomekayo ezingomeni ezimbili ezikhona kule albhamu njenge Dance Comigo. Ingoma ethi Jehova ngangibong­a ngayo uNkulunkul­u ngakho konke angenzele khona. Lena ethi Dance Comigo ngibonga ngayo wonke umlandeli wami njengoba ngiyiqambe ngolimi lwesiPutuk­ezi nje. Yingoba ngifuna ukujabulis­a wonke umlandeli wami,” kuchaza yena.

UKelly ebuzwa ukuthi ngabe usekhona yini umuntu athandana naye njengoba esanda kusuka umsindo evela nowesilisa onguChad Da Don, uthe angakusho ukuthi ujabule.

“Ngijabule kakhulu, ngeke ngiqambe amanga uma ngiza ngakulowo mkhakha,” kusho uKelly.

UKelly uphinde wangathand­a ukukhuluma ngendaba yakhe esanda kuvela yokuthi uyathwasa.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? UKELLY Khumalo uthi akangabazi ukuthi abantu bazoyijabu­lela i-albhamu yakhe entsha ethi ezophuma ngenyanga ezayo
Isithombe: INSTAGRAM UKELLY Khumalo uthi akangabazi ukuthi abantu bazoyijabu­lela i-albhamu yakhe entsha ethi ezophuma ngenyanga ezayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa