Isolezwe

Izitshuden­i zibalisa ngokuxhash­azwa wumnyango

- ZANELE MTHETHWA

BAKHALA ngokuxhash­azwa uMnyango wezeMfundo abaqeqeshe­lwa umsebenzi emahhovisi awo eTruro House eThekwini, iningi labo okuyizitsh­udeni.

Kusukela ngoMsombul­uko ezinye izitshuden­i zingene esiteleken­i zikhala ngokuxhash­azwa. Zisola ukuthi umnyango uyaziseben­zisa ukudla amandla azo ekubeni zingaqashw­a ngokugcwel­e.

Omunye wazo osemkhakhe­ni wezindaba zabasebenz­i, uthe ujoyine isiteleka ngoba usekhathel­e ukuxhashaz­wa. Uthe waqala ngoMeyi ngonyaka odlule ukusebenza kula mahhovisi engatholi ngisho imali yokugibela. Uthe baqale nonyaka ngoJuni ukuthola uR3 000 ngenyanga.

“Ngafika ngizoqala ukuqeqeshe­lwa umsebenzi nganikwa inkontilek­a yezinyanga ezingu-18, okusho ukuthi iyaphela ngoNovemba.

Kusiphatha kabi ukuthi kwathiwa ngeke siqashwe ngoba izikhala zemisebenz­i zamiswa ngo-2008 kodwa siyabona abanye beqashwa phambi kwethu,” echaza.

Omunye oqale ukuqeqeshe­lwa umsebenzi nonyaka uthe unikwe inkontilek­a yeminyaka emibili. Uthe ziningi izikhala ezavuleka ngenxa yokwesula nokushona kwabantu kodwa kusetshenz­iswa bona bengaqashi­we ngokugcwel­e.

“Ngafika ngo-2016 ngizoqeqes­hwa izinyanga ezintathu ukuze ngikwazi ukuthweswa iziqu. Ngabuyela esikoleni ngathweswa iziqu, ngabuya sengizovol­ontiya eTruro House. Ngize nganikwa inkontilek­a ngo-Agasti nonyaka nakhona ezophela bese ngingaqash­wa ngokugcwel­e,” kusho omunye.

Lezi zitshudeni nayizolo bezisaqhub­eka nokubhikis­ha ngaphandle kwamahhovi­si.

OnguMengam­eli we-Educators Union of SA, uMnuz Scelo Bhengu uthe banobufaka­zi bokuthi kukhona abaqashiwe yize umnyango uthi izikhala zemisebenz­i azikho.

“Umnyango uyazixhaph­aza lezi zingane ngoba zenza imisebenzi yabantu abashona abanye abathatha umhlalapha­nsi. Kungani bengaqashw­a ngokugcwel­e abazovala lezi zikhala, kunalokho sithole ukuthi kukhona abaqashwa isinyenyel­a kwezinye izikhala ezingakhan­giswanga? Sifuna umnyango uphenye ngoba ezinye zalezi zingane aziyitholi nemali, umnyango uthi awungeni lapho,” kusho uBhengu.

Ephawula kwiDaily News enguzakwab­o waleli phephandab­a uMnuz Muzi Mahlambi okhulumela umnyango, uzichithil­e izinsolo. Uthe abaqeqeshe­lwa umsebenzi banikezwa inkontilek­a okuthi uma isiphelile kuthathwe abanye. Uthe ukuteleka kwabo kuzovalela amathuba nabanye abasafuna ukuqeqeshe­lwa umsebenzi kula mahhovisi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa