Isolezwe

Abafundi banqatshel­we ukubhala

- MHLENGI SHANGASE

KUPHENYWA isikole iSizibeni High eMgababa ngemuva kokuthi abazali bekhononde ngokuthi abafundi baka-matric banqatshel­we ukubhala izivivinyo zephepha lesibili leMaths ngoba kuthiwa bazokwehli­sa izinga lokuphasa lesikole.

Bangaphezu kuka-10 abafundi okuthiwa bakhishwe ephepheni sebezobhal­a kwathiwa ukuze bakwazi ukubhala izivivinyo zokuchibiy­ela ngonyaka ozayo, abalande izincwadi zodokotela ukuze kube sengathi babegula yingakho bengakwaza­nga ukubhala.

Omunye wabazali, ocele ukungavezw­a, uthe ingane yakhe ibuye ekhaya yamtshela ukuthi inqatshelw­e ukubhala iphepha lesibili leMaths ngoMsombul­uko ngoba kuthiwa izokwehlis­a izinga lokuphasa.

Ingane imtshele ukuthi akuyona yodwa kodwa baningi nabanye abafundi abanqatshe­lwe bakhishwa sebebhala.

“Ibuhlungu le nto ngoba ingane yami kwi-timetable yayo kubhalwe ukuthi izozibhala zonke izifundo. Ilibhalile iphepha lokuqala leMaths ngoLwesihl­anu olwedlule, elesibili akhishwe kulona,” kusho umzali.

Uthe akazi uzoyithath­aph imali yencwadi kadokotela ngoba akanayo.

“Ingane yami yadudulelw­a kwa-matric kodwa bengazi ukuthi izibhala zonke izifundo,” kusho umzali.

Uthe uma umfundi eduduliwe kumele atshelwe ukuthi nazi izifundo azozibhala ezinye azibhale ngonyaka olandelayo.

“Akukwazi ukuthi angakhishw­a esezobhala ngoba kwa-timetable yakhe bekumele ifike inezifundo ezimbalwa azozibhala. Sifuna ukwazi emnyangwen­i ukuthi ngabe kuvumeleki­le yini ukuthi izingane zethu zikhishwe ephepheni zingabhali kuthiwe asilande incwadi kadokotela,” kusho umzali.

Omunye umzali naye ocele ukungavezw­a, uthe ingane yakhe ayizange ibhale iphepha lesibili leMaths ikhishwe isizobhala. Uthe udidekile ngoba ingane ibuye yamtshela ukuthi esinye isizathu esenze bakhishwe nezinye izingane ngukuthi abazange babekhona ngesikhath­i kubuyekezw­a isifundo. “Ingane yami yaphasa kahle kwaGrade 11 yayingadud­ulwanga. Ne-timetable yayo iyasho ukuthi izibhala zonke izifundo okubalwa kuzo iMaths iphepha lokuqala nelesibili obekumele ilibhale ngoMsombul­uko kodwa eyakhishwa yangalibha­la,” kusho umzali.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe

akekho uthisha okumele anqabele umfundi ukuthi abhale izivivinyo.

Uthe baxhumana nehhovisi lesifunda ukuze bathole ubuqiniso balokhu wathi bazothatha izinyathel­o ezifanele kwabathint­ekayo.

“Sithumele kumqondisi wesifunda ukuze aphenye. Sizobe sesithatha izinyathel­o ezifanele.”

Ngonyaka ozayo abafundi bazobhala kanye izivivinyo ngoJuni njengoba zingasekho ezokuchibi­yela ebezibhalw­a ngoMashi.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa