Isolezwe

‘Ushade’ namadoda amabili

- PHILI MJOLI

USENKINGEN­I owesifazan­e waseManzim­toti onezincwad­i zomshado ezikhomba ukuthi ushade namadoda amabili.

UNkk Ernestina Nkabinde owumfeloka­zi ka-Edward Muziwenkos­i Masinga owashona engozini yemoto ngo-1990, usola uMnyango wezaseKhay­a ngokuthi ngemuva kokushona komyeni wakhe wanikeza enye indoda enegama, isibongo nosuku lokuzalwa okufanayo nokomyeni wakhe inombolo kamazisi yomyeni wakhe, maqede ‘wamshadisa’ nayo le ndoda, ekubeni yena wabuye washada noMnuz Duncan Themba Nkabinde ngo-1997.

Le nkilayithe­ka uthe uyizwe ngo-2015 ngesikhath­i eshayelwa ucingo yibhange lithi uMasinga uyalikwele­ta njengoba beshade umshado ohlanganis­a amafa kanti kumele azokhokha, kungenjalo ibhange lizodla imoto yakhe. “Ngabatshel­a ukuthi uMasinga washona. Bathi ngokolwazi abanalo uyaphila baze bangikhomb­isa umazisi afaka ngawo isicelo sokuboleka imali. Kulapho ngabona khona isithombe esifakwe kulo mazisi ngabona ukuthi ngesomunye umuntu.”

Uthe waya eMnyangwen­i wezaseKhay­a eSiphingo bamkhomba enhlokohho­visi eMgungundl­ovu. Kwathiwa akazibheke­le ifayela lomyeni wakhe ngoba ngaleso sikhathi izitifiket­i zazingaken­ziwa ngekhompyu­tha. Walithola ifayela, wafaka isikhalo ecela ukuthi lo mnyango ‘umbulale’ umyeni okuvela ukuthi usadla anhlamvana. “Akekho owake wangishaye­la ucingo engazisa ukuthi kwenzekani. Kwathuleka ngaze ngabuyela emahhovisi ngonyaka olandelayo. Ngatshelwa ukuthi ngeke bakwazi ukumesula umyeni ngoba inombolo yakhe isetshenzi­swa ngomunye umuntu ophilayo ohlala eGoli. Uma ngibuza ukuthi kwenziwa yini ukuthi lo Masinga ophilayo naye ashade nami, uma kungabantu abehlukene, abakwazang­a ukungiphen­dula. Ngabuza ukuthi kuzokwenze­kani uma kushona oyedwa wethu nakhona ayiphumang­a impendulo.”

Uthe wanikwa inombolo yasePitoli kwathiwa akashayele khona ucingo abuze ukuthi kwenzekani ngalolu daba. Uma eshaya ucingo bathi akukho abakwenzay­o akabuyele lapho afaka khona isikhalo, baqale phansi. Akuchazwa ukuthi yini eyinkinga.

“Ehhovisi eliseMgung­undlovu nabo bangikhomb­a ePitoli, angisazi ukuthi kumele ngenze njani. Kwenziwa yini umnyango ungibhalis­e imishado emibili kodwa wehluleke ukulungisa iphutha? Kanti lo mazisi wadayiswa yini?”

Ngokuthola kweSolezwe, uMasinga ophilayo uhlala eKlerksdor­p, wafaka isicelo sikamazisi ngo-1992. Akucaci ukuthi washada nini noNkk Nkabinde okubuye kuvele ukuthi ushade noNkabinde ngo-1997.

UMnuz Thabo Mokgola wehhovisi lomnyango lezokuxhum­ana kuzwelonke uthe lolu daba uludlulise­la kwimenenja yalo mnyango eKZN uMnuz Cyril Mncwabe ukuthi aluphenye.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa