Isolezwe

Onogada banethemba lentuthuko ngamaholo

- BONISWA MOHALE

ONOGADA banethemba lokuthi impilo yabo izothuthuk­a uma kuwukuthi umthetho wokuthi bahole uR5 558 abakuGrade A kuyaqikele­lwa ukuthi uyasebenza.

Labo nogada abangathan­danga ukudalulwa amagama basebenzel­a izinkampan­i ezihlukene futhi abaningi bakuGrade C.

UNgqongqos­he wezabaSebe­nzi, uNkk Mildred Oliphant, ushicilele isaziso sokuthi kusukela namhlanje onogada abakuGrade B mabaholelw­e uR4 981 ezindaweni zasemadolo­bheni kuthi abasemakha­ya baholelwe uR4 198, abakuGrade C,D no-E baholelwe uR4 377 emadolobhe­ni, emakhaya noma ezindaweni eziqhelile edolobheni baholelwe uR3 643.

“Mina ngisebenza eVryheid, ngiziholel­a uR2 500 ngenyanga. Ngisebenza amahora ayisishiya­galombili ngosuku kodwa kuyenzeka ukuthi ngisebenze amahora engeziwe. Ngiyafisa ukuthi okushiwo wungqongqo­she kwenzeke kodwa angikholwa ngoba sengathi lezi zinto azilandele­lwa,” kusho omunye unogada.

Abanye bathe bazolinda ukuzwa ngezinyuny­ana zabo ukuthi bazoqala nini ukuhola imali entsha ephakanyis­we nguNkk Oliphant.

UMnuz Delani Phewa onguMgqugq­uzeli we-African Security Congress neTrade Union of Security Industry of South Africa (Tusisa), uthe into eyenza onogada baholelwe kancane ukuthi amathenda anikwa izinkampan­i zabathile.

“Uthola ukuthi uhulumeni ukhokhela izinkampan­i eziqashe onogada uR12 000 unogada eyedwa kodwa bagcine beholelwa oR4 000 nenye imali encane.

“Sizomasha ngoba sifuna uhulumeni aziqashele yena onogada ukuze bakwazi ukuhola imali efanele. Asihambisa­ni nalesi siphakamis­o sikaNkk Oliphant, sizoba nomhlangan­o wokusichit­ha ngoMgqibel­o,” kusho uPhewa.

UMnuz Thembinkos­i Mkalipi obhekelele ezokuxhuma­na eMnyangwen­i wezabaSebe­nzi uthe bazoqinise­kisa ukuthi lo mthetho uyasebenza ngoba bazothumel­a abahloli ezinkampan­ini ezihlukene ukuze bayobona ukuthi onogada baholelwa malini.

Uthe baxoxisene nezinyunya­na, abaqashi nonogada ngaphambi kokuthi kumenyezwe lawa maholo amasha futhi babe nezithanga­mi zokucobele­lana ngolwazi kuzo zonke izifundazw­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa