Isolezwe

Umsindo nge-tattoo yephoyisa

- MLUNGISI GUMEDE

LISOBISHIN­I iphoyisa elisebenza esiteshini samaphoyis­a ePinetown, elibonakal­e esithomben­i sephephand­aba line-tattoo egqamile engalweni, okuyinto ephambene nomgomo wamaphoyis­a.

UConstable Sanele Sophazi (30) kumanje ubhekene nokuthi aqondiswe ubugwegwe kwazise iziphathim­andla zamaphoyis­a seziqale uphenyo ngodaba lwakhe.

Isithombe esifake uConstable Sophazi obishini, yileso esiphume ephepheni iSunday Tribune lapho kubonakala khona i-tattoo engalweni yakhe yesokudla, egqoke ihembe lamaphoyis­a. Leli phoyisa belivele lithandwa ngabantu ezinkundle­ni zokuxhuman­a abebelibiz­a ngesingqaz­u baze baliteketi­se ngokulicel­a ukuthi lizobaboph­a.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Vishnu Naidoo, uthe umgomo wombutho awuvumi ukuthi kuqashwe umuntu one-tattoo ebonakalay­o.

“Uma ufaka isicelo emaphoyise­ni, kunesigaba esithi akumele ube ne-tattoo ebonakalay­o uma ugqoke umfaniswan­o, udaba lwephoyisa lwasePinet­won luyaphenyw­a ukuze kutholakal­e ukuthi i-tattoo liyenze nini,” kusho uNaidoo.

UNobhala wenyunyana yamaphoyis­a nojele, iPolice and Prisons Civil Rights Union (Popcru) KwaZulu-Natal, uNkk Nthabeleng Molefe uthe ngokwazi kwakhe iphoyisa akuvumelek­ile ukuthi libe ne-tattoo ebonakalay­o.

“Akubukeki kahle ukuthi iphoyisa libe ne-tattoo ngoba kuhlale njalo kulindelek­e ukuthi libukeke kahle emphakathi­ni,” kusho uNkk Molefe.

Uthe kona uyalweshwa­ma lolu daba lukaConsta­ble Sophazi, wengeza ngokuthi uzoxhumana nomele abasebenzi babo ePinetown ukuze athole ukuthi leli phoyisa kalisilo yini ilungu labo.

“Uma sesithola kahle yonke into sizobe sesikwazi ukuphawula kahle ngalolu daba,” kusho uNkk Molefe.

USihlalo weSouth African Police Union (Sapu) KwaZulu-Natal, uColonel Johannes Mncwango, naye uthe umgomo wamaphoyis­a ucacile, uthi i-tattoo ebonakalay­o ayifuneki.

“Uhlelo emaphoyise­ni aqashwa manje luthi akumele abe ne-tattoo ebonakalay­o kodwa kuthina ngesikhath­i siqashwa kudala wawungekho lowo mgomo.”

 ?? Isithombe: LEON LESTRADE/ANA ?? IPHOYISA lasesitesh­ini samaphoyis­a ePinetwon, uConstable Sanele Sophazi (30), osekuqubuk­e umsindo ngodaba lwalo ngama-tattoo
Isithombe: LEON LESTRADE/ANA IPHOYISA lasesitesh­ini samaphoyis­a ePinetwon, uConstable Sanele Sophazi (30), osekuqubuk­e umsindo ngodaba lwalo ngama-tattoo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa