Isolezwe

Ikhehla (71) ligwazwe yinkomo lashona

- NONTUTHUKO NGUBANE

ASALE ebambe ongezansi amanye amalungu omphakathi waseKwande­ni, eHammarsda­le, ngemuva kokuthi owesilisa oneminyaka engu-71 egwazwe yinkomo washona.

UMnuz Bhekumuzi Mabaso, ushone ngoMsombul­uko kulandela ukuhlatshw­a inkomo ngezimpond­o washonela esibhedlel­a.

Isolezwe lithole ukuthi akukhona okokuqala le nkomo, umnikazi wayo owaziwayo endaweni, ihlasela abantu kodwa kuthiwa lesi yisigameko sokuqala ukuba ikhiphe isidumbu.

Isolezwe lithole ukuthi uMabaso kade ehamba nezinkomo zakhe, ezilanda emadlelwen­i ezihambisa ekhaya ngesikhath­i kuqhamuka le nkomo yamhlasela. Ugwazeke esiswini nasentanye­ni.

Elinye ilungu lomphakath­i elingathan­danga ukudalulwa lithe le nkomo ibisivele ihluphile kodwa okubamanga­zile ukuthi igcine isikhipha isidumbu. Leli lungu lithe balinganis­elwa kwabayisit­hupha abantu asebehlase­lwe yile nkomo, abanye bangeniswa ezibhedlel­a.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe: “Amaphoyisa aseMpumala­nga avule idokodo kulandela ukushona kowesilisa oneminyaka engu-71 ogwazwe inkomo eKwandeni. Ubenenxeba esiswini nasentanye­ni. Ushonele esibhedlel­a.”Isolezwe lithinte umndeni kaMabaso, owesilisa ozibize ngoMabaso, igama wangalisho, uthe ucela ukubuye athinte esenamalun­gu omndeni ngoba le ndaba inzima ukuba angakhulum­a ngayo eyedwa kwazise uyisihlobo esikude nomufi.

Isolezwe selishaya ucingo ngesikhath­i ebesishiwo uMabaso, owesifazan­e ozibise ngoNksz Sindi Mabaso uthe akukho azokukhulu­ma neSolezwe ngalolu daba ngoba bewumndeni abazi lutho ngalo, maqede wavala ucingo.

Kushayelwa ucingo owayeyikha­nsela kule ndawo, uMnuz Fani Moyo, uthe lolu daba lukhathazi­le emphakathi­ni njengoba le nkomo iyinkathaz­o emphakathi­ni.

Unxuse ukuba kuthintwe ikhansela eselibambe izintambo ku-ward 7 uMnuz Jabulani Phewa, uPhewa ulandulile ukuthi unolwazi ngale nkomo exakile emphakathi­ni nokuthi sekuze kwaphuma isidumbu ngenxa yayo.

Ucele ukunikezwa ithuba akhulume nezinduna ngalolu daba. Isolezwe selishayel­a leli khansela ucingo belukhala lungabanjw­a.

Isolezwe lithole nokuthi umnikazi wenkomo uyanqaba ukuba ibulawe noma iboshwe.

Imizamo yeSolezwe yokuthola umnikazi wenkomo ukuba aziphawule­le ayizange iphumelele.

UMnuz Mlungisi Sibiya weSPCA eMgungundl­ovu uthe ikhambi lokuqeda udlame lwenkomo ukuba ibulawe ukuze kuzobhekwa ukuthi inawo yini amarabi.

“Isilwane esisuke sinodlame ngale ndlela sihlasela nabantu isikhathi esiningi sisuke sinamarabi. Indlela yokuhlolel­a isilwane amarabi ukuba sibulawe ngoba kusuke kuzothathw­a ingxenye yobuchopho ihlolwe. Kulolu daba kuzomele bacele kumnikazi wenkomo ukuba ibulawe,” kweluleka uSibiya.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa