Umunyu kubulawa osazilele indodana
SEKUQUBUKE indida ngokubulawa kowesifazane waseHazelmere eVerulam, okuthiwa ubulawa nje ngoMeyi kwabulawa indodana yakhe isidumbu sayo saphoswa emfuleni.
UNkk Thembisile Thusi (35), udutshulwe ngoLwesibili kade esanda kwehla etekisini ephethe izimpahla abezithengile.
Lokhu kwenzeke phambi kwendodana yakhe eneminyaka engu-16 ebizomhlangabeza.
Okwenza kube yindida ukubulawa kwakhe, wukuthi ubesazilele indodana yakhe eyadutshulwa, isidumbu sayo esatholwa emfuleni e-Oakford, siboshwe izandla nezinyawo.
Bekungakaboshwa muntu ngokubulawa kwendodana kamufi njengoba sekubulawa yena.
Izolo, Isolezwe lithinte umfowabo kamufi uMnuz Bonginkosi Thusi, olitshele ukuthi usematasa kakhulu uqoqa izimpahla zikadadewabo ngakho akadingi ukuphazanyiswa, wacela ukuba abuye athintwe emuva kwehora uma ezokhuluma nephephandaba ngodaba lokudutshulwa kukadadewabo.
Eseshayelwa ubengasalubambi ucingo lwakhe, wagcina engatholakalanga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Thulani Zwane uthe kuvulwe icala lokubulala.
“Amaphoyisa aseVerulam aphenya ngecala lokubulala kulandela ukudutshulwa kowesifazane oneminyaka engu-35. Ngokophenyo olusenziwe, owesifazane kade ihamba eceleni komgwaqo ngesikhath kuma imoto eduze kwakhe, kwaphuma umsolwa wamdubula, wabe esebaleka ngale moto abehamba ngayo. Akekho osaboshiwe, kusaphenywa. Kayaziwa imbangela yokubulawa kwakhe,” kusho uZwane.
Abezimo eziphuthumayo bakwaReaction Unit abaphuthume endaweni yesehlo bathe ngesikhathi bezama ukuxilonga lo wesifazane bathole ukuthi unenxeba ekhanda kanti ushonele khona lapho.
Ngokombiko wabo, indodana kamufi ebisendaweni yesigameko, ithe unina ubehambe eyothenga edolobheni eVerulam, wahlaselwa ekade eqeda ukwehla etekisini.
Kuthiwa imoto ebaleke umsolwa ibomvu.
Indodana kamufi itshele laba bezimo eziphuthumayo ukuthi kwenzeka lokhu nje umfowabo owayengasebenzi wabulawa ngoMeyi nonyaka waphoswa emfuleni e-Oakford.
Akwaziwa noma lezi zigameko zombili zihlobene yini.