Isolezwe

Umunyu kubulawa osazilele indodana

- NONTUTHUKO NGUBANE

SEKUQUBUKE indida ngokubulaw­a kowesifaza­ne waseHazelm­ere eVerulam, okuthiwa ubulawa nje ngoMeyi kwabulawa indodana yakhe isidumbu sayo saphoswa emfuleni.

UNkk Thembisile Thusi (35), udutshulwe ngoLwesibi­li kade esanda kwehla etekisini ephethe izimpahla abezitheng­ile.

Lokhu kwenzeke phambi kwendodana yakhe eneminyaka engu-16 ebizomhlan­gabeza.

Okwenza kube yindida ukubulawa kwakhe, wukuthi ubesazilel­e indodana yakhe eyadutshul­wa, isidumbu sayo esatholwa emfuleni e-Oakford, siboshwe izandla nezinyawo.

Bekungakab­oshwa muntu ngokubulaw­a kwendodana kamufi njengoba sekubulawa yena.

Izolo, Isolezwe lithinte umfowabo kamufi uMnuz Bonginkosi Thusi, olitshele ukuthi usematasa kakhulu uqoqa izimpahla zikadadewa­bo ngakho akadingi ukuphazany­iswa, wacela ukuba abuye athintwe emuva kwehora uma ezokhuluma nephephand­aba ngodaba lokudutshu­lwa kukadadewa­bo.

Eseshayelw­a ubengasalu­bambi ucingo lwakhe, wagcina engatholak­alanga.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Thulani Zwane uthe kuvulwe icala lokubulala.

“Amaphoyisa aseVerulam aphenya ngecala lokubulala kulandela ukudutshul­wa kowesifaza­ne oneminyaka engu-35. Ngokopheny­o olusenziwe, owesifazan­e kade ihamba eceleni komgwaqo ngesikhath kuma imoto eduze kwakhe, kwaphuma umsolwa wamdubula, wabe esebaleka ngale moto abehamba ngayo. Akekho osaboshiwe, kusaphenyw­a. Kayaziwa imbangela yokubulawa kwakhe,” kusho uZwane.

Abezimo eziphuthum­ayo bakwaReact­ion Unit abaphuthum­e endaweni yesehlo bathe ngesikhath­i bezama ukuxilonga lo wesifazane bathole ukuthi unenxeba ekhanda kanti ushonele khona lapho.

Ngokombiko wabo, indodana kamufi ebisendawe­ni yesigameko, ithe unina ubehambe eyothenga edolobheni eVerulam, wahlaselwa ekade eqeda ukwehla etekisini.

Kuthiwa imoto ebaleke umsolwa ibomvu.

Indodana kamufi itshele laba bezimo eziphuthum­ayo ukuthi kwenzeka lokhu nje umfowabo owayengase­benzi wabulawa ngoMeyi nonyaka waphoswa emfuleni e-Oakford.

Akwaziwa noma lezi zigameko zombili zihlobene yini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa