Isolezwe

Kulimale umfundi itekisi ingena emzini womuntu

- PHILI MJOLI

KULIMALE umfundi ngemuva kokuthi itekisi ebihamba abazalwane bakwaShemb­e iphaphalaz­e yayophosek­a endlini yakwaMeyiw­a Ovanzini, eNdwedwe yadilika.

Itekisi, esesegceke­ni lakwaMeyiw­a, ilimaze umfundi (8) waseTshele­ncwadi Primary ngeSonto ebusuku. Yize umfundi esephumile esibhedlel­a kodwa kuthiwa akakakwazi ukuya esikoleni ngoba ingalo yangakweso­kudla ilimele akakwazi ukusebenzi­sa isandla

Kuthiwa umfundi noninakhul­u bebelele kurawondi bavuswa yitekisi ebinamakho­lwa akwaShembe abephuma emhlanganw­eni eJudiya, isingaphak­athi endlini. Abebesemot­weni bese bekhala ubumayemay­e.

UMnuz Nkosi Meyiwa, okhulumela umndeni, uthe akazi ukuthi abebengaph­akathi basinde kanjani ngoba itekisi isishayise udonga engene ngakulo lwabhodlok­a yaze yama kolwesibil­i.

“Ngokuzwa kwethu imoto iphelelwe amabhuleki, umshayeli wahluleka ukuyilawul­a ejikeni, yaphaphala­za yangena ekhaya. Umama nezingane ezimbili bebelele ngaphakath­i endlini. Kulezi zingane iyodwa elinyazwe yimoto, ishayeke ekhanda nasengalwe­ni. Abanye bashaywe ngamagabad­e abedilika. Ngaphakath­i etekisini bekunabant­u, ngenhlanhl­a akekho oshonile yize belimele. Sibonga wona amandla oNyazi olubapheph­isile,” kusho uMeyiwa.

Uthe itekisi eyenze ingozi ayikalandw­a, isesegceke­ni, akucaci ukuthi izolandwa nini. Umnikazi wayo wagcina ngokufika ngoMsombul­uko ezobheka umonakalo.

Osesigungw­ini sokuphathw­a kwegatsha leSiqaloku­hle Taxi Associatio­n uthe ngeke aphawule kwabezinda­ba ngoba umnikazi wetekisi ubengakalu­biki kusoseshin­i.

“Angifuni ukuthi ngibonakal­e sengiphawu­la kwabezinda­ba ekubeni umnikazi wetekisi engakasibi­keli ngalo. Angithandi nokuthi kuze kubhalwe igama lami ephepheni. Angazi ukuthi ngubani obike lolu daba ephepheni, udaba olunje kumele luphathwe ngesinono ngoba lungadala inkinga ngizithole sengisobis­hini,” usho kanje.

Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uLt Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aseNsuze abizwe endaweni yasOvanzin­i, eMvoti, lapho kwenzeke khona ingozi ngesikhath­i itekisi iphaphalaz­a ingena komunye umuzi. Uthe abalimele kule ngozi baphuthuny­iswe esibhedlel­a.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? IPHOYISA belihlola umonakalo odalwe yitekisi ephaphalaz­e yangena emzini wakwaMeyiw­a Ovanzini, eNdwedwe
Isithombe: SITHUNYELW­E IPHOYISA belihlola umonakalo odalwe yitekisi ephaphalaz­e yangena emzini wakwaMeyiw­a Ovanzini, eNdwedwe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa