Isolezwe

‘Ukukokotel­a ukhetho kunzima’

- MHLENGI SHANGASE

USIHLALO wekhomishi­ni yokhetho i-Independen­t Electoral Commission (IEC) uMnuz Glen Mashinini uthe kunzima ukukokotel­a imiphumela yokhetho kuleli ngoba iqala yaziwe abamele amaqembu ezepolitik­i kuqala.

Uthe abamele amaqembu yibo abaqale basayine beyiqinise­kisa ngaphambi kokuba iyiswe kwiIEC.

“Kunzima kakhulu ukukokotel­a ukhetho kuleli. Kumele uqale enhlokohho­visi, uye ezifundeni nasezikhun­gweni zokuvota. Kusuke kukhona izingqaphe­li nalabo abamele amaqembu ahlukene, angiboni kungenzeka ukuthi bangavuma abamele amaqembu ukuthi bawinise iqembu elithile kungafanel­e,” kusho uMashinini.

Uthe abantu abangaphez­u kuka-200 000 abazobe bephethe ukhetho kuzwelonke bebhekele iziteshi zokuvota ezingu-24 000.

Ukusho lokhu izolo ekhuluma nabaholi abahlukene bezamaband­la iKwaZulu-Natal Christian Council eDiakonia Centre eThekwini.

UMashinini uthe uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa waveza ukuthi ukhetho luzoba ngoMeyi ngonyaka ozayo.

Uthe ngoMeyi 7 ngonyaka ozayo bazobe sebekulung­ele ukuthi babambe ukhetho.

“NgoJanuwar­i ngonyaka ozayo sizoba nomkhankas­o wokugcina wokugqugqu­zela abantu ukuthi babhalisel­e ukuvota. UJanuwari umnqamulaj­uqu wokuthi amaqembu angenele ukhetho.”

Uthe uMashi inyanga lapho amaqembu kumele alethe abantu azobajuba esiShayamt­hetho sikazwelon­ke nasezifund­azweni.

“Akuthina esikhetha ukuthi iqembu elithile lizoba kuphi kwiballot paper. Kuyatonyul­wa kuthi elidonsiwe kube yilona elizoba phezulu.”

Unxuse ukuthi amabandla angenelele asize ukuze kube nokhetho olunokuphe­pha.

“Siyazi uma sekuzojuts­hwa abantu esiShayamt­hetho kuba nezinxushu­nxushu. Nemiphakat­hi ilapho ivele ivuse izinkinga ibhikishe yingakho kumele sibambisan­e.”

Abefundisi abehlukene bazibophez­ele ukuthi bazosebenz­isana ne-IEC ukuze kube nokhetho olunokuthu­la.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa