Isolezwe

Ufuna kusukunyel­we inkinga yomdlavuza

- LUNGI LANGA

USAZIWAYO obalwa nabantu abalwa ngempumele­lo nomdlavuza, uXolani Gwala usenxuse uhulumeni ukuthi ulaphe umdlavuza njengoba wenza ekulapheni abanegciwa­ne lengculazi, ukuze kwehle isibalo sabantu abashona ngenxa yawo.

UGwala onomdlavuz­a osulawulek­ile emuva kokuthola ukuthi unomdlavuz­a wamathumbu uthe: “Kufanele umdlavuza ulashwe njengoba kulashwa abanegciwa­ne lengculazi.

Abantu bakhuthazw­e ukuthi bahlole, bese behlolwa ngokushesh­a, uma sebehloliw­e balashwe.

Uhulumeni ukwenzile lokhu ngegciwane lengculazi futhi kufanele ukwenze kumdlavuza,” kusho uGwala.

Uthe akakholwa ukuthi ngabe waphila ukube walinda isikhathi esibuye silindwe ngabanye abalashwa umdlavuza kwezinye izikhungo zezempilo zikahulume­ni.

Uthe akalindang­a ukuthi athole ukulashwa ngechemoth­erapy futhi akalindang­a ukuthi ahlinzwe konke kwenzeka ngesikhath­i.

UGwala, ongumaskaz­i we-702 ubehambele umkhankaso kahulumeni wokuqwashi­sa ngomdlavuz­a obusezinku­ndleni zemidlalo KwaCaluza, eMgungundl­ovu uwuncomile umkhankaso kahulumeni. Kodwa uthe kubaluleki­le ukuthi kuqiniswe izinhlelo zokulashwa, ukuba khona kodokotela abelapha umdlavuza nokunye.

Ekhuluma naleli phephandab­a ngokuphath­wa umdlavuza uthe wayengazit­sheli ukuthi ungamphath­a. Uthe wayesiza

abantu ababenomdl­avuza ngaphambi kokuthola ukuthi unawo kodwa engazitshe­li ukuthi ngelinye ilanga angaba ngomunye wabo.

Uthe ngesikhath­i ethola ukuthi sesimhlase­le wayengenal­o ithemba.

“Into yokuqala engazibuza yona ukuthi ngiyokwazi yini ukumelana nawo (umdlavuza) nokuthi ngiyoke ngiwunqobe yini,” kusho uGwala.

Uthe umdlavuza wawuthola ususegaben­i sesine okuyisigab­a esinzima ngoba wawuqale emathunjin­i waze wangena nasesibind­ini.

Uchaze ubunzima abhekana nabo ngesikhath­i elashwa ngohlelo lwe-chemothera­py, ehlinzwa izikhawu ezinhlanu emathunjin­i nasesibind­ini.

Unxuse nabantu ukuthi basheshe bakusukume­le ukuhlolwa njengoba yena

kwaze kwadingeka alashwe nge-chemothera­py, aze ahlinzwe izikhawu ezinhlanu ukuphuza ukuhlola. Uthe umndeni wakhe waba wusizo kakhulu ngoba, umeseka ngaso sonke isikhathi.

 ??  ??
 ?? Isithombe: PABALLO THEKISO ?? UXOLANI Gwala ongumsakaz­i oselwe nomdlavuza, uthi kubaluleki­le ukuthi abantu basheshe bahlolwe bese belashwa
Isithombe: PABALLO THEKISO UXOLANI Gwala ongumsakaz­i oselwe nomdlavuza, uthi kubaluleki­le ukuthi abantu basheshe bahlolwe bese belashwa
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa