Isolezwe

Ukhala ngobulungi­swa umndeni womgilwa

- NONTUTHUKO NGUBANE

UKHALA ngokungasu­kunyelwa kwecala lokudlweng­ulwa kwendodaka­zi yawo, umndeni wentombaza­ne eneminyaka eyisishiya­galombili othole ukuthi yadlwengul­wa ngesikhath­i bethola ukuthi inegciwane lengculazi.

Le ntombazany­ana efunda uGrade 2 esikoleni esiseMzimk­hulu esingeke siyidalule ngoba siyivikela, kutholwe ukuthi isinegciwa­ne lengculazi.

Uyise wale ngane okhulume neSolezwe uthe bebelokhu bebona indodakazi yakhe incipha futhi ihlala ngokugula, uma beyohlola kodokotela kwatholaka­la ukuthi unegciwane lengculazi nokuthe uma ihlolwa kwavela ukuthi yadlwengul­wa esikhathin­i esingangon­yaka esidlule.

“Okusiphath­a kabi ukuthi icala alisukunye­lwa phezulu. Icala silivule ngo-Okthoba 4 nonyaka emuva kokuthola ukuthi ingane isinegciwa­ne lengculazi ekubeni abazali bakhe bengenalo. Odokotela bathole ukuthi yadlwengul­wa. Kuthe uma silandelel­a ingane yakhomba unogada wasesikole­ni sayo ukuthi uyena owayihluku­meza kodwa kuze kube manje akekho oboshiwe, kunalokho lona osolwayo usabisa umndeni wami ngokuthi sibhebheth­ekisa amanga ngaye,” kusho uyise wentombaza­ne.

Uthe indodakazi yakhe isihlala ngokuzithu­lela, ayifuni ukukhuluma ngalolu daba. “Okwamanje ingane siyicelele kwesinye isikole ngenxa yalesi simo esivelile,” kusho uyise wengane. Okuphatha kabi umndeni ukuthi isikhathi siyaqhubek­a kodwa akukho okucacayo ngecala.

“Umphenyi wecala ngimshayel­e ucingo wangitshel­a ukuthi imantshi kungenzeka ingalufaki nasenkanto­lo udaba ngoba ingane ayivezi ukuthi yadlwengul­wa ubani kodwa ithi yayibize unogada wesikole wayinikeza ikhekhe yabe isizumela. Isivuka wayisabisa ngesibhamu wathi ingatsheli muntu ngesigamek­o. Sifuna kuphenyisi­swe ngale nto ukuze kuzotholak­ala ukuthi kwenzakala­ni, nodaba luye enkantolo,” kusho uyise wengane.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kusaphenyw­a ngaleli cala.

“Ngokopheny­o olusenziwe intombazan­yana eneminyaka eyisishiya­galombili yadlwengul­wa izikhathi ezehlukene kusukela ngoJanuwar­i kuze kube u-Okthoba nonyaka eMaromini eDekedeken­i,” kusho uCol Mbele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa