Ukhala ngobulungiswa umndeni womgilwa
UKHALA ngokungasukunyelwa kwecala lokudlwengulwa kwendodakazi yawo, umndeni wentombazane eneminyaka eyisishiyagalombili othole ukuthi yadlwengulwa ngesikhathi bethola ukuthi inegciwane lengculazi.
Le ntombazanyana efunda uGrade 2 esikoleni esiseMzimkhulu esingeke siyidalule ngoba siyivikela, kutholwe ukuthi isinegciwane lengculazi.
Uyise wale ngane okhulume neSolezwe uthe bebelokhu bebona indodakazi yakhe incipha futhi ihlala ngokugula, uma beyohlola kodokotela kwatholakala ukuthi unegciwane lengculazi nokuthe uma ihlolwa kwavela ukuthi yadlwengulwa esikhathini esingangonyaka esidlule.
“Okusiphatha kabi ukuthi icala alisukunyelwa phezulu. Icala silivule ngo-Okthoba 4 nonyaka emuva kokuthola ukuthi ingane isinegciwane lengculazi ekubeni abazali bakhe bengenalo. Odokotela bathole ukuthi yadlwengulwa. Kuthe uma silandelela ingane yakhomba unogada wasesikoleni sayo ukuthi uyena owayihlukumeza kodwa kuze kube manje akekho oboshiwe, kunalokho lona osolwayo usabisa umndeni wami ngokuthi sibhebhethekisa amanga ngaye,” kusho uyise wentombazane.
Uthe indodakazi yakhe isihlala ngokuzithulela, ayifuni ukukhuluma ngalolu daba. “Okwamanje ingane siyicelele kwesinye isikole ngenxa yalesi simo esivelile,” kusho uyise wengane. Okuphatha kabi umndeni ukuthi isikhathi siyaqhubeka kodwa akukho okucacayo ngecala.
“Umphenyi wecala ngimshayele ucingo wangitshela ukuthi imantshi kungenzeka ingalufaki nasenkantolo udaba ngoba ingane ayivezi ukuthi yadlwengulwa ubani kodwa ithi yayibize unogada wesikole wayinikeza ikhekhe yabe isizumela. Isivuka wayisabisa ngesibhamu wathi ingatsheli muntu ngesigameko. Sifuna kuphenyisiswe ngale nto ukuze kuzotholakala ukuthi kwenzakalani, nodaba luye enkantolo,” kusho uyise wengane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kusaphenywa ngaleli cala.
“Ngokophenyo olusenziwe intombazanyana eneminyaka eyisishiyagalombili yadlwengulwa izikhathi ezehlukene kusukela ngoJanuwari kuze kube u-Okthoba nonyaka eMaromini eDekedekeni,” kusho uCol Mbele.