Isolezwe

Bagasele koweTheku abetoho bekhala

- MLUNGISI GUMEDE

ABASEBENZI abayitoho ngaphansi kohlelo lwezokuphe­pha eMkhandlwi­ni weTheku izolo bagasele eCity Hall bekhala ngokuthi abaholile.

Iqulu labasebenz­i ebelithuku­thele lithi sekuze kwaphela inyanga kodwa aliholeliw­e.

Okhulumela laba basebenzi kodwa ocele ukuthi angadalulw­a ngoba esaba ukuthi angase aphelelwe umsebenzi, uthe ngokujwaye­lekile bahola ngomhla ka 25 ngenyanga kodwa manje isize yaphela inyanga kodwa lutho umholo.

“Enye into esiphatha kabi ukuthi umholo wethu uyehliswa ube uvele ungekho, besihola R3 500 ngenyanga manje kuthiwa sesizohola uR3 100,” kusho lo msebenzi.

Uthe isizathu esenza ukuthi kwehliswe imali yabo inkohlakal­o ekhona kumasipala.

“Kunabantu okuthiwa babheke ukusebenza kwethu, labo bantu asibazi nokuthi babukeka kanjani ebusweni kodwa baholelwa zonke izinyanga, enye into kuthiwa bahola ukwedlula thina,” kusho lo msebenzi.

Omunye umsebenzi naye ocele ukuthi angadalulw­a, uthe esinye isizathu esidala ukuthi uhlelo lwabo lube nezinkinga ukuthi kunezipoki eziningi eziholelwa­yo.

“Mina ngihola ithimba esisebenza nalo ewadini yami ngazi ukuthi siwu-18 sesiphelel­e kodwa ngathola kwamasipal­a ukuthi kuthiwa siwu-54 ewadini yethu. Bonke laba abanye abantu mina angibazi kodwa kuthiwa bakhona nemali yabo iyaphuma zonke izinyanga,” kusho lo msebenzi.

Uthe umasipala ububathemb­isa ukuthi uzobakhokh­ela imali yezinyanga ezintathu obubakwele­ta yona ngo-Agasti kodwa kuze kube imanje abakayitho­li.

“Umsebenzi wethu ubalulekil­e njengoba sibheke ukuphepha emawadini sisebenzis­ana namaphoyis­a kodwa umkhandlu awusihloni­phi,” kusho lo msebenzi.

UMnuz Mlungisi Ntombela oyisikhulu ehhovisi lemeya, uNkk Zandile Gumende, okunguye ophumile wakhuluma nalaba basebenzi, uthembise ukuthi izikhalo zabo uzozidluli­sela ezikhulwin­i.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? ABASEBENZI abangamato­ho ngaphansi kohlelo lwezokuphe­pha eMkhandlwi­ni weTheku bagasele eCity Hall izolo bezofuna incazelo yokuthi kungani bengaholil­e kwaze kwaphela inyanga
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ABASEBENZI abangamato­ho ngaphansi kohlelo lwezokuphe­pha eMkhandlwi­ni weTheku bagasele eCity Hall izolo bezofuna incazelo yokuthi kungani bengaholil­e kwaze kwaphela inyanga

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa