Isolezwe

Kuboshwe obesefunwe iminyaka engu-11

- NONTUTHUKO NGUBANE

INGALO yomthetho yinde futhi necala aliboli, lokhu kufakazelw­e ukuboshwa kowesilisa obesefunwe iminyaka engu-11 ngamacala okubulala eDalton ngaphandle kwaseGreyt­own.

Owesilisa oneminyaka engu42 zimkhalele ebhace eZone 9 eMeadowlan­ds, eGoli ngoMsombul­uko.

Umsolwa ulindeleke ukuba avele okokuqala enkantolo yaseNew Hanover namhlanje ngecala lokubulala oMnuz Thembinkos­i Ngubane (25) noScelo Mncube (23).

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe maphoyisa aseDalton athole ulwazi ngokuti umsolwa esekunemin­yaka bemfuna ubhace eGoli.

“Abaphenyi emuva kokuthola ulwazi lokuthi umsolwa ucashe kephi babe sebeya eGoli bafike bamthola babuya naye base bemethwesa amacala amabili okubulala enzeka ngo-2007.

“Umsolwa uzovela kusasa (namhlanje) enkantolo yaseNew Hanover,” kusho uZwane.

Ngokwecala elithwese umsolwa, kuthiwa ngoDisemba 5, 2007 emgwaqweni uMollisima khona eDalton wagasela endlini okwakukhon­a kuyo ababili besilisa, wafuna ukwazi ukuthi ikephi intombi yakhe.

Kuthe uma behluleka ukuchaza, wavulela ngenhlamvu wababulala, maqede wabaleka ngezinyawo endaweni yesigameko.

Lo msolwa kusukela lesi sigameko ubefunwa amaphoyisa ngecala kodwa elokhu ebaleka.

Amaphoyisa kuthiwa awazange ayeke ukuphenya leli cala njengoba egcine emtholile umsolwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa