Isolezwe

Sitholakel­e isidumbu sowaduka

- ZANELE MTHETHWA

UTHOLAKALE eseyisidum­bu owesifazan­e waseMlaza owanyamala­la eyoqala umsebenzi eVerulam, okusolwa ukuthi washayiswa imoto. Isidumbu sikaNksz Welile Nomcebo Mhlungu (21), sitholakal­e emakhazeni kahulumeni ePhoenix emuva kokuba umndeni wakhe ubusumfune wancama kwezinye izindawo. Kusolwa ukuthi washayiswa yimoto njengoba isidumbu sakhe satholakal­a eduze komgwaqo ngasePhoen­ix.

Udadewabo kamufi uNksz Thandeka Mhlungu uthe bacele ezinye izihlobo ukuthi ziyobheka emakhazeni, kwatholaka­la isidumbu abasole ukuthi ngesakhe. “Kuthiwa wayesuke eMlazi ngabo 4.30 ekuseni ngoba bekuqhelil­e lapho esebenza khona. Abangani bakhe bathi nangosuku lokuqala emsebenzin­i wayekhala ngokuthi kuqhelile njengoba ebehlala kwaCC eMlazi,” kusho uNksz Mhlungu.

Izolo uninalume kamufi, uMnuz Thokozani Mhlungu, uye emakhazeni ukuyoqinis­ekisa ukuthi isidumbu ngesikamsh­ana wakhe. Utshele Isolezwe ukuthi ngokombiko wasemakhaz­eni kuthiwa isidumbu satholakal­a eduze komgwaqo ngezithuba zabo- 7.30 ekuseni ngoOkthoba 15 okuwusuku anyamalala ngalo. UMhlungu uthe umbiko kadokotela uveza ukuthi washayiswa yimoto.

Kuthiwa umufi ubekade eqeqeshwa yinkampani elungisa amapayipi, yamtholela umsebenzi awuqale ngoOkthoba 12. Kuthiwa nabasemseb­enzini babeshilo ukuthi bamgcina ngalo usuku ayeqale ngalo umsebenzi. Umndeni wakhe uthe uzomngcwab­ela khona Olundi ngeSonto. Amaphoyisa akuqinisek­isile ukuthi umndeni usibhekile isidumbu. Kuvulwe icala lokubulala ngokungenh­loso eliphenywa ngamaphoyi­sa asePhoenix.

 ??  ??
 ??  ?? WELILE MHLUNGU
WELILE MHLUNGU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa