Isolezwe

IChiefs nePirates kumele bazibambe ziqine kwiTelkom

-

IYANCOMEKA indlela obe nesasasa ngawo umdlalo wabakhaya phakathi kwe-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, nangendlel­a adlale ngayo amaqembu emdlalweni we-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o.

Bekuhlale kukhalwa ngokuthi isasasa selehlile ngalo mdlalo wabakhaya nokuyinto ebibangwa ukuthi amaqembu abesekujwa­yele ukudlala ngokulinga­na (ngo 0-0) kumasizini edlule. Kulokhu kube kuhle ukubona amagoli amathathu (iPirates iwine ngo 2-1) nokuthi amaqembu abengahlel­i emuva ekhombisa ukwesabana. Kucace ngokuthi amathikith­i asheshe aphele ukuthi abalandeli bebezimise­le ngokuzibon­ela zibulalana. Lokhu kufanele ukuthi kubagqugqu­zele abadlali bamaqembu womabili ukuthi bafike emdlalweni bezilungis­elele, bazame ukunika abalandeli lokhu okubafanel­e.

Okuphawule­kile futhi ukuthi ukuba sezingeni eliphezulu komdlalo kwenze abalandeli bajabula kodwa baziphatha kahle. Azikho izigameko ezibikiwe yize inkundla ibigcwele. Kuhlaluka ukuthi uma la maqembu edlala ibhola elibenelis­ayo abalandeli abasitholi isikhathi sokususa uthuthuva kungakhath­alekile ukuthi umphumela ugcina uvune liphi iqembu. Njengoba kuzodlala imidlalo yeTelkom Knockout ngempelaso­nto akungabaze­ki ukuthi abalandeli bazothuthe­leka eMoses Mabhida Stadium ukuyobona iPirates ngoMgqibel­o neChiefs ngeSonto. IBucs izobhekana naMaZulu, iChiefs idlale neSuperSpo­rt United.

Likhona ithuba lokuthi la maqembu adlulele phambili kulo mqhudelwan­o bese ephinde etholana phezulu. Uma kungenzeka aqhathwe womabili kuma-semi final eTelkom Kncokout, akukho nokuncane ukungabaza ukuthi kungaphind­e kushunqe uthuli abalandeli babuke umdlalo omuhle njengoba kwenzeke ngoMgqibel­o.

Okwamanje iPirates neChiefs kusamele bazibambe ziqine kwiTelkom baqiniseki­se ukuthi badlulela emzuliswan­eni olandelayo. Ngemuva kwalokho sekungabhe­kwa-ke ukuthi amaqembu azoqhathwa kanjani njengoba kuzobe sekusele amane. Okubalulek­ile ngemidlalo yePirates neChiefs ukuthi abalandeli kufanele bahlale bejabule bangayikha­leli imali yabo abayiseben­zisayo ukuya enkundleni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa