Isolezwe

Umyeni kadadeweth­u uyajola ngimcebe yini noma ngithule?

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Eminyakeni emithathu edlule isoka lami okwakumele ngishade nalo langithume­la iSMS ethi asimise umshado sekusele usuku olulodwa vo sishade. Langitshel­a ukuthi emva kokucabang­a kahle libone ukuthi alikakakul­ungeli ukushada. Ngacishe ngafa ngalelo langa. Lapho izihlobo zase zifikile, wonke amalungise­lelo omshado ayesemi ngomumo sesilindel­e usuku lomshado nje kuphela ngakusasa. Ngenyanga edlule ngibone ngalo selngithin­ta emva kweminyaka emithathu lithi liyangikhu­mbula, akekho omunye umuntu ongaba unkosikazi walo ngaphandle kwami. Ngivele ngaxakeka ngempela ukuthi isilingo esingaka ngizosithi­ni. Lo muntu wabukisa ngami emphakathi­ni. Ngaba yinhlekisa kubantu, namanje kusenzima ngisho ukubheka abanye abantu emehlweni ngenxa yento angenza yona. Uqala phansi manje ungitshela ukuthi usangithan­da. Ngenzenjan­i ngempela? Igama ligodliwe

Impendulo: Alikho nelincane iphutha ekunqikaze­ni ukubuyelan­a nesoka lakho elidala. Phela ukumisa umshado sekusele usuku olulodwa akuyona into encane. Kubaluleki­le ukuthi uvikele inhliziyo yakho. Kubaluleki­le ukuthi uke umbhekisis­e kahle ngaphambi kokuthi ubuyelane naye uma kungukuthi usamthanda. Kumele ube nesiqinise­ko sokuthi ngeke ayiphule inhliziyo yakho okwesibili. Awufuni ukuthi akuphindis­ele endaweni obuzitshel­a ukuthi usudlulile kuyo ngenxa yokuthi yena useyakufun­a futhi. Mningi umsebenzi okumele awenze ukuze aphinde azuze inhliziyo yakho futhi.

Umbuzo: Ngenyanga edlule ngithole ukuthi umyeni kadadeweth­u omdala akathembek­ile emshadweni wabo. Ngithole ngokuthi intombazan­e esanda kuqala emsebenzin­i wami ingibonise isithombe somuntu esanda kuthandana naye. Ngicishe ngashayeka phansi uma ngibona isithombe sikamyeni kasisi wami kodwa angifunang­a ukuthi abone ukuthuka kwami. Kade ingidla le ndaba angikwazi ngisho ukumbheka emehlweni usisi wami, angisayiph­athi eyomyeni wakhe. Ngabe ngiyona uma ngitshela udadewethu ngengikuth­olile ngomyeni wakhe? Thulile, ePinetown Impendulo: Kuyinto engelula ukukhipha izindaba ezinkulu kangaka ngaphambi kokuba nesiqinise­ko sokuthi ziyiqiniso ngempela. Sibona kubaluleki­le ukuthi ngaphambi kokukhulum­a nosisi wakho uqale uhlale phansi nosisi osebenza naye ukwenza isiqinisek­o sokuthi ngempela bayathanda­na nomyeni kasisi wakho futhi umazise nokuthi ushadile kodwa awukwazang­a ukumtshela mhla ekubonisa isithombe ngoba wawusathuk­ile. Emva kwalokho usungahlal­a phansi nomyeni kasisi wakho umazise ukuthi uyazi ngento ayenzayo futhi ungathanda ukuthi ayiyeke ngaphambi kokuthi ivele kusisi wakho. Kungumsebe­nzi wakho ukuvikela usisi wakho. Usisi wakho ungamtshel­a kuphela uma umyeni wakhe eqhubeka nalobu budlelwane noma usukhulumi­le naye ngoba kuzobe kuchaza ukuthi akazimisel­e ukuhlukana nentombaza­ne. Umbuzo: Ngingumako­ti osemncane. Nginenking­a kamama ofuna ukungena kuzo zonke izindaba zomuzi wami. Alipheli isonto engafikang­a emzini wami, uze angitshele nokuthi ngenzeni, nini. Noma engasho lutho umyeni wami kodwa ngiyabona ukuthi akayithand­i le nto eyenziwa ngumama. Ngingamtsh­ela kanjani umama ukuthi angiyithan­di le nto ayenzayo ngaphandle kokumphath­a kabi? Okhathazek­ile, eThekwini Impendulo: Kuyinto ejwayeleki­le ukuthi omama benze ngale ndlela umama wakho enza ngayo. Kungakuhle kube nguwe okhulumisa­na naye ngoba awufuni acabange ukuthi ngumyeni wakho ongamfuni. Kuhle uqale ngokumazis­a ngendlela abaluleke ngayo empilweni yenu, nangendlel­a omthanda ngayo njengomzal­i. Kubaluleki­le ukuthi noma usushadile kodwa umzali azi indlela abaluleke ngayo empilweni yakho, okungasho ukuthi kumele ahambe phambili ukudlula umyeni wakho. Uma ushadile umyeni nguye othatha indawo yokuqala empilweni yakho. Kubaluleki­le ukuthi naye akubone lokho ngezenzo zakho. Umama mazise ukuthi njengoba usushadile ungathanda ukuba nethuba lokuthi nifundane kahle nomyeni, okungeke kwenzeke kahle uma ezoloku ekutshela ukuthi wenzeni emshadweni wenu. Mqinisekis­e ukuthi uma kukhona la odinga khona usizo uzoba umuntu wokuqala ozomthinta ukuze azibone esabalulek­ile empilweni yakho. Futhi lokhu kuzokusiza ukwazi nokusebenz­isa zonke izinto ayekufundi­se zona ngaphambi kokuthi ushade.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa