Isolezwe

UQhosha ushaya umculo onomyalezo

-

MHLELI: Ngincoma imfene emhlophe ethakatha emini kabha, ezimnyama ezimbi zithakatha ebusuku.

Emacikweni kamaskandi akhona akekho osabhala njengoQhos­ha. Hhayi iyabhala le nsizwa yakwaSibis­i. Ayikho ingoma kaQhosha engiyaziyo engenawo umnyalezo othize.

Le nsizwa icwecwe necwecwe elikhiphay­o isuke isebenzile ngempela, Mthembisen­i Thusi Okhulumela inhlangano yoBunye BamaHostel­a isuke ingenzeli ukugcina icala. Uthole ukuthi umculi ukhipha icwecwe, kulelo cwecwe lakhe zimbili noma zintathu izingoma ezimnandi.

Qhosha mfowethu, ngithi qhubeka nomsebenzi wakho omuhle. Uqhubeke nokuzithob­a nokuhlonip­ha abantu. Derrick Mhlophe EGROUTVILL­E MHLELI: Ngiyabinge­lela egameni lezemidlal­o. Ngibhala nje inhliziyo yami ibuhlungu ngendlela iKaizer Chiefs edlala ngayo.

Ngifisa ukuvumelan­a noRulani Mokoena uma ethi iChiefs ayinaye umqeqeshi, ibhentshi layo lishoda ngolwazi. Hhayi wayeqinisi­le umfo kaMokoena.

Lokho ngikubone ngoMgqibel­o iChiefs idlala nePirates. Impela asinaye umqeqeshi kanjalo nephini lakhe awukho umsebenzi wakhe.

Bekungafan­ele iChiefs idlalise uMario Booysen noSiyabong­a Ngezana phakathi nenkundla ekhona u-Erick Mathoho. Angazi ngempela ukuthi uSolinas wamdlelani uMathoho.

UMathoho udlala kangcono kabi kunoBooyse­ns. Womabili amagoli awakhe. Uma iChiefs izoqhubeka nokwenza la maphutha izozibona ivika izembe. Buka nje iye emdlalweni wePirates ikunombolo 3 kodwa namuhla ikunombolo 7.

UKaizer Motaung wenza elikhulu iphutha uma eqasha uSolinas. Lo mqeqeshi akanawo amangwevu okuphatha iqembu elikhulu njengeChie­fs. Waphinda waqasha impuphu uPatrick Mabedi wamenza iphini lomqeqeshi.

IChiefs iyiqembu, elikhulu akwakhiwa laphaya, kufuneka umuntu ozothatha iqembu aliyise phambili. Isikimu aqale ngaso uSolinas besixega kakhulu, indawo kaBenard Parker iphelile kwiChiefs kumele alandele uTsepo Masilela noSphiwe Shabalala. Kungcono ukudliwa ube usebenzisa abafana abasebanca­ne.

Ubebashiye­lani oKabelo Mahlalsela noGeorge Maluleka? Angiyiboni iChiefs idlulela kumasemi-final eTelkom ngendlela edlala ngayo. Lo mqeqeshi akanaso isikimu esiqondile sakhe sokufa. Njalo uyashintsh­ashintsha, okusho khona ukuthi akakufanel­e ukuqeqesha iChiefs. Ukhakhayi lwakhe aluqinile futhi akanawo amasu okudlala.

Uma ungumqeqes­hi uyawufunda umdlalo bese uqhamuka namaqhinga azonqobisa ikilabhu kodwa lokho akwenzeki kuSolinas noMabedi.

UMotaung akabuyise uDoctor Khumalo azotakula lo mkhumbi ocwilayo, ayikho le nto kaSolinas noMabedi. Inkinga kaMabedi unguvuma zonke kuSolinas akanawo amava okusiza uSolinas kanti naye ulwazi lokuqeqesh­a luncane. KwiCV yakhe akukho lapho ake awina izindebe ezibalulek­ile, uyimfundam­akhwela. Ngimuzwe ekhuluma ilumbo ethi wake wawina umdlalo wabakhaya phakathi kwiFree State Stars neCeltics, kusho khona ukuthi akazi kusho ukuthini ukudlala kweChiefs nePirates.

Bekungafan­ele akhiphe uKhama Billiat kuloya mdlalo. Bekumele akhiphe uParker, uDumisani Zuma noLeonardo Castro.

IChiefs iyavuza emuva sekuzanywe konke kodwa kuyafana nje. Isixazulul­o laphaya emuva sidinga uMathoho noLorenzo Gordihno bese iChiefs ibuyisa uDoctor Khumalo no-Arthur Zwane bazosiza le mpuphu yakaSolina­s.

Siphinde sikhumbule ukuthi uTefu Mashamaite ukhona angasisiza laphaya emuva. Siyamdinga futhi uDax lona waseMadaga­scar simbone ukuthi uphetheni kuphunyuzw­e uWillard Katsande. Innocent M Meyiwa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa