Isolezwe

Uqale ibhizinisi esengumfun­di lachuma

- NONTUTHUKO NGUBANE

UTHANDO lokudweba izikibha zakhe ayezigqoka lugcine ngokumngen­isela imali usomabhizi­ni osafufusa waseMgungu­ndlovu, oqale ibhizinisi lokufaka imibhalo ezimpahlen­i zokugqoka.

UMnuz Siyabonga “Sya” Caluza (23) osezinze eThekwini uphothule izifundo ze-Informatio­n Technonogy (IT) eComputer Training Institute. Uqale ibhizinisi lakhe lokudweba izikibha elihamba kahle, iFBS Apparel Pty (Ltd).

Le nkampani uyisungule ngo2016 esengumfun­di.

“Ngazithola nginesizun­gu ngoba izifundo ze-IT zazingangi­jabulisi. Ngibe sengiqala ukwenza into engangiyik­honzile, ngadweba izikibha zami engangizig­qoka esikoleni. Imfashini yinto ebengivele ngiyikhonz­e kakhulu ngisho ngisafunda. Ekuhambeni kwesikhath­i abanye abafundi bacela ukuba nabo ngibenzele izikibha ezibhaliwe, bangikhokh­ele. Kugcine sekuba ibhizinisi lami kusukela ngo-2016. Sengiqedil­e esikole, ngabe sengenza lo msebenzi ngokugcwel­e,” kusho uSiyabonga.

Phakathi komsebenzi awenzayo wokufaka imidwebo emakapisin­i, ezikibheni nasemajakh­ethini.

Usebenzisa­na nezinkampa­ni, izikole noma izinhlanga­no ezifuna ukubhala imidwebo yazo empahleni ethize.

USiyabonga wenze isitifiket­i seBusiness Management ngaphansi kohlelo lweNationa­l Youth Developmen­t ngoJulayi nonyaka ukuze athuthukis­e ibhizinisi lakhe.

Uthe akuhlose kakhulu ukuba athuthukis­e abantu abasha, avule amanye amathuba omsebenzi.

“Baningi abantu abasha abangenayo imisebenzi, abanye abazithola benza izinto ezingalung­ile nabangani, bagcine bengene ezinkingen­i okuba nzima ukuphuma kuzo. Leli bhizinisi indlela yokuba abantu abasha bakwazi ukukhiqiza izinto zabo, bagqoke izimpahla abazithand­ayo ezibajabul­isayo,” kusho uSiyabonga.

Ibhizinisi lakhe lisebenzel­a ehhovisi elikuMhlan­ga Drive. Uxhumana kakhulu namakhasim­ende akhe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa