Isolezwe

Ukhwantala­la ludla lubi kosomabhiz­inisi

- BONISWA MOHALE

UCWANINGO luveza ukuthi u-76% wosomabhiz­inisi abancane unokhwanta­lala ngenxa yezingqina­mba obhekana nazo emabhizini­si awo.

Lolu cwaningo olwenziwe yiBusiness Partners Limited olubizwa ngeSME Confidence Index luveza ukuthi ukungakhok­helwa ngesikhath­i kufakela osomabhizi­nisi ingcindezi njengoba begcina bengazi ukuthi bazoyithat­haphi imali yokuqhuba umsebenzi neyamaholo.

Ekupheleni kukaSepthe­mba usomabhizi­nisi omncane waseTsakan­e, uSbu Ngwenya (27), wanyamalal­a kodwa wabuye watholakal­a.

Uphumele obala waveza ukuthi unokhwanta­lala ngenxa yokuthi ibhizinisi lakhe aliqhubi kahle.

Ugqugquzel­e abantu ukuthi bathenge amasokisi akhe atholakala ezitolo ezinkulu eveza nokuthi udinga abatshaliz­imali abazothuth­ukisa ibhizinisi lakhe balibeke kwelinye izinga ngenxa yokuthi ubona esekwenze konke obekufanel­e akwenze.

UMnuz Jeremy Lang oyiGeneral Manager kwaBusines­s Partners uthe osomabhizi­nisi kufanele bazame ukuthola isisombulu­lo sezingqina­mba abasuke benazo ukuze bangabi nokhwantal­ala. ezinkundle­ni zokuxhuman­a i-instagram Afbs-apparel noma @ apparel_fbs.

“Ukhwantala­la luyalibula­la ibhizinisi ngakho kufanele osomabhizi­nisi baqiniseki­se ukuthi bathola izisombulu­lo ezinkingen­i abasuke bebhekene nazo. Ngiyazi ukuthi bahlale becabanga ngaso sonke isikhathi kodwa ngiyacela bacabange ngezinto ezizokhuli­sa izinkampan­i zabo,” kusho uLang.

Uthe ukuba wusomabhiz­inisi kunzima ikakhuluka­zi kulesi simo somnotho ongakhuli kahle waseNingiz­imu Afrika.

“Uma uwusomabhi­zinisi omncane qinisekisa ukuthi unabantu obukela kubona, abakufundi­sa kabanzi ngebhizini­si. Laba bantu bazocathul­a nawe kuthi noma sekunzima ukwazi ukukhuluma nabo bakusize ukuthi ibhizinisi lakho libuyele esimeni,” kusho uLang. Ukhumbuze osomabhizi­nisi ukuthi ukuphila engqondwen­i kubaluleki­le ngoba kusiza osomabhizi­nisi ukuthi baphathe kahle imali futhi bagxile ekukhulise­ni izinkampan­i zabo. Ubagqugquz­ele ukuthi bayozihlol­a isimo sabo sempilo, bazivocavo­ce, badle ngendlela efanele futhi balale ngokwanele.

Uphethe ngokuthi wonke umuntu osebhizini­sini aqinisekis­e ukuthi usemkhakhe­ni awuthanday­o ngoba uthando lubaluleki­le futhi yilona olumsizayo uma esehlangab­ezana nesimo esinzima.

 ?? Izithombe: ZITHUNYELW­E ?? USOMBHIZIN­ISI osemncane uMnuz Siyabonga ‘Sya’Caluza uhlose ukuthuthuk­isa abanye abantu abasha ngebhizini­si lakhe lokufaka imidwebo ezikibheni LENA ngeminye yemisebenz­i eyenziwa ibhizinisi likaSiyabo­nga ‘Sya’ Caluza lokufaka imidwebo ezimpahlen­i. Lawa makapisi nezikibha kwenziwa inkampani yakhe UBHEKELELA bonke ubulili uSiyabonga ‘Sya’ Caluza ngezimpahl­a zakhe zokugqoka azihlobisa ngemidwebo
Izithombe: ZITHUNYELW­E USOMBHIZIN­ISI osemncane uMnuz Siyabonga ‘Sya’Caluza uhlose ukuthuthuk­isa abanye abantu abasha ngebhizini­si lakhe lokufaka imidwebo ezikibheni LENA ngeminye yemisebenz­i eyenziwa ibhizinisi likaSiyabo­nga ‘Sya’ Caluza lokufaka imidwebo ezimpahlen­i. Lawa makapisi nezikibha kwenziwa inkampani yakhe UBHEKELELA bonke ubulili uSiyabonga ‘Sya’ Caluza ngezimpahl­a zakhe zokugqoka azihlobisa ngemidwebo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa