I-Unisa ithembisa ukuza nezimpendulo
ISIKHUNGO semfundo ephakeme i-Unisa sithi phansi amaphaphu kwabafake izicelo zokufunda kusona ngonyaka ozayo njengoba simatasa sihlela izimpendulo kulabo abazokwamukelwa.
Abalesi sikhungo bathe asikho isidingo sokuthi izitshudeni zithutheleke ophikweni lwaseThekwini zime ulayini ngoba kwamanye amahhovisi alesi sikhungo asabalele esifundazweni zikhona izinhlelo ezisekomkhulu eThekwini.
UMnuz Brian Dlamini, obambale umqondisi wophiko lwaKwaZulu-Natal lwalesi sikhungo, uthe labo abafaka izicelo zokufunda ngonyaka ozayo abalinde ngoba bayaphendulwa.
“Simatasa siphendula labo abafaka izicelo zokufunda ngonyaka ozayo. Abanye sebeqalile ukuthola izimpendulo zokuthi bayamukelwa,” kusho uDlamini.
Ukusho lokhu ekhuluma nabezindaba eThekwini ngoLwesibili njengoba izikhulu zale nyuvesi bezihlangane nezintatheli.
Uthe uyazi kunabasuka ezindaweni ezikude beze eThekwini ngoba befuna ukusizakala.
“Sinehhovisi eRichards Bay, abafuna usizo bangaya kulona bangaze basuke eMpangeni beze eThekwini.
Siyazi kwabanye kukhona le nto yokuthi uma kuzovulwa ithuba lokubhalisa, balala ngaphandle ukuze babe abokuqala ukungena ngaphakathi. Asikho isidingo sokwenza lokho ngoba zonke izidingo zikhona nakwamanye amahhovisi.”
UDlamini uthe bavivinya uhlelo lokuthi izinsizakufundisa baziyise eThekwini naseMgungundlovu.
“Senzela ukuthi noma kunesiteleka sePosi izitshudeni zazi ukuthi izinsiza-kufunda zizozilanda kuphi.
Zikhona nezinye izinhlelo zokuthi izitshudeni zisizakale uma kunesiteleka sePosi njengoba zingaya ku-myunisa ukuze zifake isicelo sokuthi zithole izinsiza-kufundisa online,” kuqhuba uDlamini.
Uthe i-Unisa eThekwini inenqwaba yezitshudeni ukudlula izikhungo eziningi zemfundo.
UNkk Khanya Mahlare, ongumqondisi omkhulu we-Institutional Advancement e-Unisa, uthe yiyona nyuvesi ebizwa ngegama lezwe futhi enesibalo esikhulu sezitshudeni.
Uthe banezitshudeni ezingaphezulu kuka-384 000, u-93% wazo zifunda ngasese kanti ezingu-9% ziqhamuka emazweni angaphandle kwakuleli.
U-72% wezitshudeni zimnyama, u-15% ngabamhlophe, amaNdiya abe ngu-7% kuthi amaKhaladi abe ngu-6%.
“Sibe nemicimbi yokuthwesa izitshudeni imiyezane engu-116 okutshengisa ukuthi inkulu kangakanani i-Unisa.
Sigxile emkhakheni ehlukene, sinaneyezobunjiniyela asigxilile kuphela emkhakheni wokuqeqesha othisha njengoba abantu becabanga.”
UDlamini uthe iKZN inkulu ilandela ngemuva kweGauteng ngezibalo zezitshudeni.
Mayelana nokuthi ngabe lizovulwa yini elinye ithuba ezitshudenini ezingazange zizifake izicelo zokufunda ngonyaka ozayo, ukuthi zifake izicelo uthe akakazi leso sinqumo sizothathwa abaphathi.