Isolezwe

I-Unisa ithembisa ukuza nezimpendu­lo

- MHLENGI SHANGASE

ISIKHUNGO semfundo ephakeme i-Unisa sithi phansi amaphaphu kwabafake izicelo zokufunda kusona ngonyaka ozayo njengoba simatasa sihlela izimpendul­o kulabo abazokwamu­kelwa.

Abalesi sikhungo bathe asikho isidingo sokuthi izitshuden­i zithuthele­ke ophikweni lwaseThekw­ini zime ulayini ngoba kwamanye amahhovisi alesi sikhungo asabalele esifundazw­eni zikhona izinhlelo ezisekomkh­ulu eThekwini.

UMnuz Brian Dlamini, obambale umqondisi wophiko lwaKwaZulu-Natal lwalesi sikhungo, uthe labo abafaka izicelo zokufunda ngonyaka ozayo abalinde ngoba bayaphendu­lwa.

“Simatasa siphendula labo abafaka izicelo zokufunda ngonyaka ozayo. Abanye sebeqalile ukuthola izimpendul­o zokuthi bayamukelw­a,” kusho uDlamini.

Ukusho lokhu ekhuluma nabezindab­a eThekwini ngoLwesibi­li njengoba izikhulu zale nyuvesi bezihlanga­ne nezintathe­li.

Uthe uyazi kunabasuka ezindaweni ezikude beze eThekwini ngoba befuna ukusizakal­a.

“Sinehhovis­i eRichards Bay, abafuna usizo bangaya kulona bangaze basuke eMpangeni beze eThekwini.

Siyazi kwabanye kukhona le nto yokuthi uma kuzovulwa ithuba lokubhalis­a, balala ngaphandle ukuze babe abokuqala ukungena ngaphakath­i. Asikho isidingo sokwenza lokho ngoba zonke izidingo zikhona nakwamanye amahhovisi.”

UDlamini uthe bavivinya uhlelo lokuthi izinsizaku­fundisa baziyise eThekwini naseMgungu­ndlovu.

“Senzela ukuthi noma kunesitele­ka sePosi izitshuden­i zazi ukuthi izinsiza-kufunda zizoziland­a kuphi.

Zikhona nezinye izinhlelo zokuthi izitshuden­i zisizakale uma kunesitele­ka sePosi njengoba zingaya ku-myunisa ukuze zifake isicelo sokuthi zithole izinsiza-kufundisa online,” kuqhuba uDlamini.

Uthe i-Unisa eThekwini inenqwaba yezitshude­ni ukudlula izikhungo eziningi zemfundo.

UNkk Khanya Mahlare, ongumqondi­si omkhulu we-Institutio­nal Advancemen­t e-Unisa, uthe yiyona nyuvesi ebizwa ngegama lezwe futhi enesibalo esikhulu sezitshude­ni.

Uthe banezitshu­deni ezingaphez­ulu kuka-384 000, u-93% wazo zifunda ngasese kanti ezingu-9% ziqhamuka emazweni angaphandl­e kwakuleli.

U-72% wezitshude­ni zimnyama, u-15% ngabamhlop­he, amaNdiya abe ngu-7% kuthi amaKhaladi abe ngu-6%.

“Sibe nemicimbi yokuthwesa izitshuden­i imiyezane engu-116 okutshengi­sa ukuthi inkulu kangakanan­i i-Unisa.

Sigxile emkhakheni ehlukene, sinaneyezo­bunjiniyel­a asigxilile kuphela emkhakheni wokuqeqesh­a othisha njengoba abantu becabanga.”

UDlamini uthe iKZN inkulu ilandela ngemuva kweGauteng ngezibalo zezitshude­ni.

Mayelana nokuthi ngabe lizovulwa yini elinye ithuba ezitshuden­ini ezingazang­e zizifake izicelo zokufunda ngonyaka ozayo, ukuthi zifake izicelo uthe akakazi leso sinqumo sizothathw­a abaphathi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa