Isolezwe

Bazimisele ukusiza abafundi ngolwazi

- ZANELE MTHETHWA

ABAFUNDI abaqokelwe ukuyocobel­elana nabanye ngolwazi eGermany bazimisele ukubuya nolwazi oluzosiza abafundi ngezinking­a ababhekene nazo ezikoleni zabo.

Abafundi abane abavela ezikoleni ezehlukene KwaZuluNat­al bangamaPee­r Educator ohlelweni lokulekele­la abanye abanezinki­nga. Uhlelo lwaqalwa yinhlangan­o iYouth For Christ (YFC) esebenzisa­na nabaxhasi baseGerman­y.

Omunye wabafundi abaqokiwe, uMakhosi Mngoma (16), ofunda uGrade 10 eDumehlezi High, eNtuzuma, uthe wangena ohlelweni lwePeer Education ngo-Ephreli. Umsebenzi wabo wukubheka izinkinga ezikhunget­he ontanga esikoleni bese benza imikhankas­o yokuqwashi­sa ngazo.

“Umsebenzi wethu wukusiza noma iyiphi ingane enenkinga esikoleni. Nazo ziyazi ukuthi uma zinenkinga ziqala kithina. Inkinga esibhekene nayo kakhulu wukukhulel­wa kwabafundi, wukusetshe­nziswa kwezidakam­izwa nokungahlo­niphi othisha,” kusho uNksz Mngoma.

Uthe bathole ukuthi izingane ziyakhulul­eka uma zikhuluma nontanga, yingakho nabo bekwazi ukuzilekel­ela. NgoJulayi uMakhosi ukhethwe nabanye abafundi bezinye izikole ukuthi ayocobelel­ana nabanye eGermany. Uthe uzimisele ukucosha ulwazi afundise ngalo ontanga uma ebuya. Uzohamba ngoLwesihl­anu nethimba lakhe. Usehlele ukuthi ezinye izifundo azibhala esebuya eGermany. Kuqokwe nabafundi baseMvaba High noMqhawe High eNanda.

Owengamele uhlelo kwiYFC, uNkk Sane Shandu, uthe baluqala ngo-2010 uhlelo lwamaPeer Educator emuva kokusebenz­a nezikole kwezinye izinhlelo. Bebeya ezikoleni beyoluleka abafundi, babona ukuthi akwanele ngoba abakwazi ukuhlala bekhona.

“Sibone kungcono ukuthi kube khona abafundi abazokwazi ukusiza usuku nosuku. Sixhumana nabo basitshele ukuthi yiziphi izinkinga ezinkulu abazithola kubafundi, bese sihlela nabo imikhankas­o yokuqwashi­sa ngazo. Sibuye sisebenze nomphakath­i ukuqinisa imikhankas­o,” kusho uNkk Shandu.

Baqale ngonyaka odlule ukuhambisa abafundi eGermany. Bahlela ukuthi abafundi baseGerman­y beze eNingizimu Afrika. Abafundi bazobuyela kuleli ngoNovemba 16.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ABAFUNDI bezikole ezintathu abaya eGermany oKhulekani Ndlovu, uMakhosi Mngoma, u-Aaliyah Ndlovu noZenzele Makhathini
Isithombe: SITHUNYELW­E ABAFUNDI bezikole ezintathu abaya eGermany oKhulekani Ndlovu, uMakhosi Mngoma, u-Aaliyah Ndlovu noZenzele Makhathini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa