Isolezwe

Senyukile esabansund­u abanikela ngegazi

- LUNGI LANGA

INHLANGANO eqoqa igazi iSouth African National Blood Services (SANBS) ithi ukwenyuka komthamo wegazi elinikelwa ngabantu abamnyama kwenza umehluko omkhulu.

Le nhlangano isanda kuveza ukuthi seyikwaze ukunyusa umthamo wegazi labantu abamnyama elingasets­henziselwa ukunikelel­a abanye, yakwazi nokwenza igazi liphephe.

Babheke izibalo zabantu abanikele kusuka ngo-2005 kuya ku-2015 besebenzis­ana nophiko lweMedical Virology esikhungwe­ni semfundo ephakeme iStellenbo­sch University nophiko olwaziwa ngeCentre of Excellence for Epidemiolo­gical Modelling and Analysis (SACEMA) lapho bethole ukuthi isibalo senani legazi ebelinikel­wa abamnyama ebesisetsh­enziswa besingu-43 269 ngo-2005 kodwa sinyuke safinyelel­a ku-246 686 ngo-2015.

UNkk Marion Vermeulen weSANBS uthe okunye abakutholi­le ukuthi kusona lesi sikhathi abebesibhe­ka libe lincane igazi elitholaka­le linegciwan­e lengculazi futhi sisodwa isigameko somuntu othole leli gciwane ngokunikel­elwa igazi.

Ngokusho kwabo ngaphambi kuka-2005 igazi labantu abamnyama belingavam­ile ukusebenza ngenxa yamazinga aphezulu egciwane lengculazi.

Ngo-2005, le nhlangano ibe ngeyokuqal­a ukuthi isebenzise uhlelo lokuhlola oluyisipes­heli lokuhlola izifo ezitholaka­la egazini okubalwa kuzo igciwane lengculazi.

Bathe emuva kokufakwa kwalolu hlelo kunyuke umthamo wegazi elinikelwe abantu abamnyama uma kuqhathani­swa naphambili­ni. Ngokusho kwabo abantu abanikela okokuqala abamnyama basuke ku-19% bafinyelel­a ku-54% ngo-2015. UNkk Vermeulen uthe noma sinyukile isibalo sabamnyama abanikelay­o basadinga abanye abantu.

Kusanda kuvela imibiko yokuthi uMnyango wezeMpilo kulesi sifundazwe ufake abazali bengane eneminyaka emihlanu enkantolo ngoba bengafuni ukuthi inikelelwe ngegazi yize inesifo segazi esenza idinge ukunikelel­wa.

UMnuz Sifiso Khoza okhulumela abakwaSANB­S uthe kuningi okwenza abantu ukuthi banganikel­i.

Uthe abanye abantu basaba izinaliti, abanye bakhala ngokuthi bamatasa kakhulu. Abanye benziwa ukuthi bayaquleka uma benikela, abanye babeka izizathu ezithinta inkolo.

UKhoza uthe bayalihlon­ipha ilungelo labantu lokuthi banikele nokuthi bafakele igazi uma kunesiding­o.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa