Isolezwe

Imishanguz­o elwa neHIV ayinanking­a:ucwaningo

- LUNGI LANGA

UCWANINGO lwakwamuva luveza ukuthi imishanguz­o esetshenzi­selwa ukuvikela igciwane lengculazi, ipre-exposure prophylaxi­s (PrEP) inganikwa abantu abaningi ngaphandle kokuthi babe nezinkinga ngesikhath­i bethatha imishanguz­o.

Lolu cwaningo olwethulwe engqungqut­heleni ebiseGlasg­ow, eScotland iHIV Drug Therapy Conference ngoLwesibi­li, luveze ukuthi cishe abantu abayisigid­i emhlabeni wonke bangakwazi ukunikwa iPrEP.

Le mishanguzo iyinhlanga­nisela yama-ARV, i-tenofovir disoproxil fumarate (TDF) and emtricitab­ine (FTC) ivame ukusetshen­ziselwa ukuthithib­alisa igciwane lengculazi.

Abacwaning­i benze ucwaningo ngabantu abangu-15,678 kubantu abebesengo­zini yokuthola igciwane lengculazi.

Bathole ukuthi labo abebethath­a le mishanguzo bebengakho­mbisi imiphumela exhantele, okubalwa kuyo ukulimala kwamathamb­o, izinkinga zezinso nokunye okwedlula abebenikwa iphilisi elingenalu­tho.

Kukholakal­a ukuthi bangu-7.5 million abantu abanegciwa­ne lengculazi eNingizimu Afrika kulo nyaka. INingizimu Afrika ingelinye lamazwe aphasise ukusetshen­ziswa kwePrEP. Kodwa le mishanguzo ingathengw­a yinoma ubani ekhemisi kodwa uhulumeni usahlinzek­a abantu abadayisa umzimba nabanye abayingxen­ye yocwaningo olwahluken­e olusenziwa ngayo.

Ngokusho kukamengam­eli we-Internatio­nal AIDS Society, uDkt Anton Pozniak, ucwaningo olwahluken­e selukuvezi­le ukuthi abantu besilisa abalala nabanye abantu besilisa basengozin­i yokuthola igciwane lengculazi.

Uthe balinganis­elwa ku-300 000 kuphela abantu abathatha iPrEP emhlabeni wonkana, babe ngu-1.8 million abantu abangenwa yigciwane lengculazi.

Uthe ukuze kube nendlela ezokwenza ukuthi kuliwe nokusabala­la kwegciwane lengculazi, kuzobalule­ka ukuthi sandiswe isibalo sabantu abathola le mishanguzo.

UDkt Tom Ellman ongumqondi­si weMédecins Sans Frontières/Doctors Without Borders (MSF) eSouthern Africa, uthe kuyiqiniso ukuthi iPrEP iyadingeka nokuthi ibalulekil­e ezinhlelwe­ni zokulwa nokusabala­la kwegciwane lengculazi.

Uthe okuzobalul­eka ukuqinisek­isa ukuthi inikwa abantu abayidinga­yo nabazokwaz­i ukuyithath­a ngendlela. Uthe leli philisi lingasiza nakubantu besifazane abanenking­a yokucindez­ela ophathina babo ngokusetsh­enziswa kwamakhond­omu.

Uqhube wathi kubaluleki­le nokuthi abantu basekwe, bafundiswe ngendlela yokuthatha le mishanguzo nokuthi bayithole ngaso sonke isikhathi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa