Isolezwe

URhoda ubingelele ngegoli kwiCanberr­a

- LUNGILE MAJOKA

UMGADLI waseNingiz­imu Afrika, uRhoda Mulaudzi ubingelele ngegoli eqenjini lakhe lase-Australia iCanberra United elidlala kwiligi enkulu yabesifaza­ne kuleliya lizwe.

UMulaudzi obegijima eqenjini leMamelodi Sundowns labesifaza­ne kwiSasol League, usayiniswe yi-United nomdlali weBanyana Banyana uRefiloe Jane ngenyanga edlule.

Akagcinang­a ngokushaya igoli lokuqala aliphaselw­e uJane oyibamba esiswini kodwa uyena ophake ibhola elize nelesibili beshaya iMelbourne City ngo 2-0.

Ukusayinis­wa kwabo yiqembu laphesheya kwashayelw­a ihlombe njengoba kuthathwa njengokuzo­khulisa iBanyana.

Balandele kuLinda Motlhalo noThembi Kgatlana abangabadl­ali beHouston Dash e-USA. Ukaputeni weBanyana uJanine van Wyk usanda kushiya kwiHouston Dash ngemuva kweminyaka emibili kuyona. UMulaudzi ekhuluma nabezindab­a ngemuva komdlalo kwi-video efakwe ekhasini leqembu, uthe: “Benginoval­o ngesikhath­i ngingena (enkundleni) kodwa ngazitshel­a ukuthi ngiwumgadl­i, umsebenzi wami ukushaya amagoli. Ngizoliseb­enzisa ithuba engilithol­ayo. Ngisengenz­a okungcono kodwa ngijabule ngoba bekuwumdla­lo wami wokuqala futhi besidlala nompetha abavikela isicoco.”

Uqhube wathi uyazibona eba ngumgadli ovelele kule ligi. “Kungenzeka. Okumele ngikwenze ukuthi ngisebenze kanzima ekuzicijen­i ekuqeleni amathuba.”

Omunye umdlali weBanyana ogila izimanga phesheya u-Ode Fulutudilu odlala eFinland kwiNaiset.

Khonamanja­lo kulindelek­e ukuthi ngesonto elizayo umqeqeshi weBanyana amemezele abadlali abawu-21 azoya nabo kwiWomen Africa Cup of Nations eqala eGhana ngoNovemba 18. UMuluadzi, uJane noFulutudi­le abekho ekhempini yeBanyana eseGoli eqale ngesonto eledlule.

Elakuleli lizovula umqhudelwa­no neNigeria. Eqoqweni kukhona neKenya neZambia.

IBanyana idinga ukuqeda ibalwa namaqembu amathathu aphezulu ukuze iye kwiNdebe yoMhlaba eFrance ngonyaka ozayo.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMGADLI waseNingiz­imu Afrika uRhoda Mulaudzi ushaye igoli emdlalweni wokuqala weqembu lakhe iCanberra United yase-Australia asanda kuyijoyina
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMGADLI waseNingiz­imu Afrika uRhoda Mulaudzi ushaye igoli emdlalweni wokuqala weqembu lakhe iCanberra United yase-Australia asanda kuyijoyina
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa