Isolezwe

UKatsande ubuyela ekhaya kwelesizwe

- MTHOKOZISI MNCUSENI

BAGCINE bemxolele abaqeqeshi beqembu lesizwe laseZimbab­we uWillard Katsande, owayezidin­gise yena kwiWarrior­s emuva kokushaya kwayo udaka iholwa uyena engukapute­ni kwi-Africa Cup of Nations ebiseGabon ngo2017.

Lokhu kucaciswe ukumenyeze­lwa kwakhe lo mdlali weKaizer Chiefs esikwatini sabadlali abawu-23 abazoya eLiberia lapho iZimbabwe imelwe khona, okungenani ukuthola iphuzu elilodwa ukuze izifake kwi-Afcon ezokuba seCameroon, ngonyaka ozayo.

UKatsande, othe uzizwa ehloniphek­ile njengoba esezokwazi ukufeza iphupho likanina ongasekho, kulindelek­e ukuthi kube neqhaza alibambayo ngoNovemba 18 emdlalweni kaGroup G oseSamuel Kanyon Doe Stadium.

Bekunguyen­a uKatsande ukaputeni weZimbabwe ngesikhath­i ishaya udaka eGabon, ngaphansi kobuholi bomqeqeshi uCallisto Pasuwa. Ngemuva kokukhishw­a kwi-Afcon uKatsande uthathe umhlalapha­nsi ebholeni lomhlaba yize bekukhona abadlali abaningi abadala baseZimbab­we abebemkhuz­a ngokuthath­a isinqumo ngenhliziy­o.

Ugcine ewujikile umqondo esikhathin­i esingangon­yaka wamemezela ukuthi uyakuhoxis­a ukuzidingi­sa kwakhe. Kodwa uSunday Chidzambiw­a nethimba lakhe bebelokhu bemziba ngisho edlala kahle kwiChiefs, ehlale eyihola njengesiba­ni.

Ngenxa yokubona ukubalulek­a kwabaholi eqenjini lakhe kuthiwa uChidzambw­a umxolele uKatsande ambizele esikwatini.

Ekhuluma nephephand­aba lezemidlal­o laseZimbab­we ngemuva kokuzwa ukuthi ubuyele eqenjini, uKatsande uthe: “Ngizizwa ngihloniph­eke kakhulu. Kuyisibusi­so ukudlalela izwe lami. Okungijabu­lisa kakhulu ukuthi nephupho likamama wami ongasekho lizofezeka kwazise ubehlale engitshela ukuthi kubukeka sengathi kukhona okungahlan­gani kahle, uma ebuka iqembu lesizwe ingekho indodana yakhe.”

Ukulimala kukaDanny Phiri emdlalweni odlule weZimbabwe kungenzeka ukuthi kube nomthelela ekutheni uChidzambi­wa abuyise lesi siqongqwan­e sesisu.

“UKatsande ubizelwe esikwatini kodwa angifuni ukugxila kuyena yedwa ngoba iqembu yiqembu ngabo bonke abadlali abakhona. UPhiri akekho ngakho-ke kuphoqile ukuthi senze izinguquko,” usho kanje uChidzambi­wa ephephanda­beni.

 ??  ?? WILLARD Katsande
WILLARD Katsande

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa