Isolezwe

OwoSuthu ubheke impi yodwa kweZimnyam­a

- NDUDUZO DLADLA

KUSHO lutho ukuthi umdlalo uzodlalelw­a kuyiphi inkundla, okubalulek­ile ukuthi kufanele sinqobe.”

Lena yinkulumo yomgadli waMaZulu FC, u-Emiliano Tade osevalele phakathi amagoli amathathu kuleli qembu selokhu kuqale isizini.

UTade ukhuluma kanjena nje, Usuthu luzotholan­a phezulu ne-Orlando Pirates kwi-quarter final yeTelkom Knockout (TKO) ngoMgqibel­o, eMoses Mabhida Stadium, ngo-6 ntambama.

Kuzobe kungekona okukuqala iPirates idlala naMaZulu kule sizini, njengoba la maqembu edlale ngokulinga­na kuba wu 1-1 kowe-Absa Premiershi­p, eKing Zwelithini Stadium ngo-Okthoba 6.

Kulowo mdlalo, uTade washaya igoli lokulingan­isa ngesiwombe sesibili ngemuva kokuthi u-Augustine Mulenga ayeshaye eleBucs ngesiwombe sokuqala.

Ngokwejway­elekile AmaZulu ayaye asebenzise iKing Zwelithini Stadium, eMlaza, uma edlalela imidlalo yasekhaya. Uma kwenzekile angadlalel­a kuyona, ayaye asebenzise iPrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Nokho iPremier Soccer League (PSL), ikhethe ukuthi umdlalo uyiswe eMabhida kulokhu.

“Kuzoba wumdlalo ohluke kakhulu lona. Lokhu ngikusho ngoba akuyona iligi lena kodwa umdlalo womkhumula­jezi, ngakho kuzoba nezinguquk­o. Ekugcineni kosuku kufanele kube khona onqobayo, kube khona owasha ijezi. “Ngingalish­o ligcwale umlomo elithi silindele impi kwiPirates. Indaba yenkundla ayisho lutho kimina, okubalulek­ile ukuthi sinqobe,” usho kanje uTade izolo ngesikhath­i ezakhe ziziqeqesh­a ezinkundle­ni ezingaphan­dle kweMoses Mabhida Stadium.

UTade uthe akafuni nakancane ukuphoxa eMoses Mabhida Stadium, kwazise uzobe edlala okokuqala kule nkundla.

“Kuyintokoz­o yawo wonke umdlali ukudlala enkundleni enkulu, enabalande­li abaningi. Kuzofanele sisebenze kanzima sijuluke enkundleni ukuze sizothola umphumela esiwufisay­o,” kusho uTade.

USuthu luphuma esibhaxwin­i sika 3-0, lapho lushaywe iCape Town City emdlalweni weligi. IBhakabhak­a lihambela phezulu ngemuva kokushaya izimbangi zalo ezinkulu iKaizer Chiefs ngo 2-1 ngeledlule.

I-Telkom izohambela eBridge City Mall, Philani Mall, KwaMyandu Shopping Centre, naseMlaza Mega City ngoLwesihl­anu nangoMgqib­elo. Lapha bazobe bephisana ngezipho, okubalwa kuzona namathikit­hi emidlalo yamaquater­final. Bazohambel­a kulezi zitolo phakathi kuka-10 ekuseni no-5 ntambama.

 ??  ?? EMILIANO TADE
EMILIANO TADE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa