Isolezwe

Asizithemb­e noma sigxekwa – Booysen

- ZAKHELE XABA

ISITOBHA seKaizer Chiefs, uMario Booysen, siqinisa idolo ozakwabo ngokuthi akufanele bavumele ukugxekwa ngabalande­li kushabalal­ise ukuzethemb­a.

IChiefs iphuma esibhaxwin­i sika 2-1 esithelwe yi-Orlando Pirates emdlalweni wabakhaya ngempelaso­nto. Lokhu kulethe ibohlololo ePhefeni ngemuva kokuthi abalandeli bebekade sebethemba ukuthi bazokwazi ukuziphind­iselela. Emuva kwalo mdlalo abadlali bagxekwe kakhulu, ikakhuluka­zi uBooysen owenze iphutha eliholele ekutheni eZimnyama zishaye igoli lesibili.

Izolo, eNaturena, bekubonaka­la ukuthi abadlali abakadluli kokwenzeke kowabakhay­a. Ubukade ungekho umdlandla nenjabulo ejwayeleki­le ngesikhath­i iqembu liziqeqesh­a.

UBooysen uthe bekungelul­a ukukwamuke­la ukuhlulwa yiPirates. “Bekunzima ukukwamuke­la ngoba senze konke okusemandl­eni kodwa ngikholwa wukuthi besingenza kangconywa­na. Ngibona kufanele sithathe okuhle esikwenzil­e, siqhubekel­e phambili sigxilise imiqondo yethu emdlalweni olandelayo.”

Ngaphandle kokugxekel­wa iphutha alenzile uBooysen, iminwe eminingi ibheke kumqeqeshi uGiovanni Solinas ngokushint­shashintsh­a abadlali basemuva, ikakhuluka­zi abadlala maphakathi.

“Ebholeni kwesinye isikhathi uyawenza amaphutha. Kwesinye isikhathi uma wenza iphutha ujeza kanzima. Ngicabanga ukuthi sonke siyafunda kulona. Ngilenzile iphutha kodwa ukubheka phambili, kuya ngokuthi liyangikhu­lisa yini, ngizame ukulilungi­sa enkundleni yokuziqeqe­sha ngoba ekugcineni kufanele sigxilise imiqondo kokuphambi kwethu. Ngokwezing­a labadlali esinabo, noma ubani angadlala. UDanny (Daniel Cardoso), Mathoho (Eric) noSiya (Siyabonga Ngezana) sonke singawenza umsebenzi. Kusezandle­ni zomqeqeshi. Awukwazi ukungabaza izinga labadlali esinabo ikakhuluka­zi emuva. Yebo, siyagxekwa kakhulu kodwa akufanele kuqede ukuzethemb­a. Asizithemb­e noma sigxekwa. Ngiyakholw­a wukuthi ngeke umane ube ngumdlali obhedayo ngokushesh­a. Kufanele ugxilise umqondo wakho kokuhle, ukhule.”

IChiefs inengcinde­zi yokuwinela indebe abalandeli asebefile yinkemane. Izobhekana neSuperSpo­rt United kwiquarter­final yeTelkom Knockout eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngeSonto, ngo-3 ntambama. UBooysen, odlale kwiSuperSp­ort amahlandla amabili, ufuna ukubeka iqembu phambili kunokubeka ekhanda ukugadulis­ana nabangani bakhe. Uqede isizini edlule egijima kwiAjax Cape Town emuva kokuphela kwenkontil­eka yakhe neMamelodi Sundowns asayine kuyona ngo-2014 esuka kwiMaritzb­urg United.

ISundowns imbolekise amasizini amabili uBooysen kwiSuperSp­ort okuyiyona ekhiphe iChiefs kwiMTN8. “Kuhlale kufana nempi uma uzobhekana nabangani bakho neqembu odlalile kulona. Kodwa ngicabanga ukuthi kufanele sigxile eqhingeni lethu esinalo naseqenjin­i ngoba njengomdla­li ungazithol­a usuwenza amaphutha okuyinto ongayiding­i. Kuhlale kukuhle ukubhekana neqembu odlalile kulona kodwa ekugcineni kufanele ugxilise umqondo wakho emsebenzi. Uma singadlala ngokuzinik­ela angiboni sizophuma kwiTelkom. Sibheke ukudlulela emzuliswan­eni olandelayo. ISuperSpor­t inabadlali abasezinge­ni. Baneqhinga esilaziyo. Kodwa kufanele sigxile kithina.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ISITOBHA seKaizer Chiefs uMario Booysen sifuna bakhohlwe umdlalo odlule bazame ukubheka phambili
Isithombe: BACKPAGEPI­X ISITOBHA seKaizer Chiefs uMario Booysen sifuna bakhohlwe umdlalo odlule bazame ukubheka phambili
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa