Isolezwe

UHlompo ufuna balungise inkinga yamagoli koweTelkom

- LUNGILE MAJOKA

USEBE neMamelodi Sundowns iphakamisa izicoco ezahlukene kusukela efike kuyona ngo-2011 kodwa namanje uHlompho Kekana usenentshi­sekelo efanayo yokubona iqembu lakhe liphumelel­a.

NgoMgqibel­o iSundowns izovakashe­la iBaroka FC ePeter Mokaba Stadium, emdlalweni we-quarterfin­al yeTelkom Knockout ozoqala ngo-3.30 ntambama.

“Amalungise­lelo ahamba kahle. Ngingasho ukuthi sinakho ukuzethemb­a ngemuva komphumela wethu wangempela­sonto eMdantsane. Kusemqoka kithina ukuthi sidlulele kweyandule­la owamanqamu. Sifuna ukubalwa nabantu abajabulis­e abalandeli beqembu ngezicoco,” kusho uKekana.

Lo kaputeni waBafana Ba’Style uthe ufuna kufike usuku lomdlalo sebeyilung­isile inkinga yamagoli, umqeqeshi wabo uPitso Mosimane akhale ngayo ngemuva kokuhlula iChippa United ngempelaso­nto.

ISundowns inqobe lo mdlalo ngo 1-0 wegoli likaGaston Sirino okube yilona kuphela ngemuva kwenqwaba yamathuba.

ISundowns ayikahlulw­a kwiligi kule sizini.

“Ukuqhubeka nokubamba umgqigqo wokungehlu­lwa kuzosisiza nasemiqond­weni yethu, sibheke kulo mdlalo. Kuhle ukuthi asingenelw­anga igoli. Sekumele sishaye amagoli manje. Ngethemba ukuthi sizowasebe­nzisa amathuba. Namuhla (izolo) abadlali bethu baphambili basalile baqhubeka nokuzicija kwazise siyawading­a amagoli,” kusho uKekana.

Lo mdlali wasesiswin­i naye uyaziwa ngokushaya izimbumbul­u zamagoli emizameni yakhe yokusiza iqembu liphumelel­e.

“Kuyafika nje noma ngingakuli­ndele. Nami ngisuke ngizama ukusiza iqembu ekutholeni amagoli ngoba ngiye ngizicije ekukhahlel­eni. Kumele nami ngikubuyis­e lokho kuzethemba, ngizame futhi.”

Njengoba bezobe bedlalela ekuhambeni uthe ngeke bayeye iBaroka.

“Kuzoba umdlalo omuhle kubalandel­i. Ngiyazi ukuthi yithina esizobe sinengcind­ezi ngoba kumele sifake iqembu kweyandule­la owamanqamu. Ngicabanga ukuthi kuzosisiza ukuthi sisheshe silithole igoli,” kusho uKekana.

 ??  ?? HLOMPHO KEKANA
HLOMPHO KEKANA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa