Isolezwe

I-BSA ivune uSibiya kweyakhe noMpontsha­ne

- ZAKHELE XABA

UKOOS “The Last Great Warrior” Sibiya, ovunwe yisinqumo seBoxing South Africa (BSA) sokuthi impi yakhe noPhila Mpontshane ibuyele eringini, ukhuthazwe ngabantu esenqume ukushiya phansi isibhakela .

USibiya ushayelwe esakeni ngoJulayi empini yebhande le-SA Super Featherwei­ght nompetha uMpontshan­e e-Orient Theatre, e-East London. Ngemuva kwempi cishe zonke izibukeli bezizitshe­la ukuthi liyahamba ibhande likaMponts­hane kodwa amajaji amwinisa. USibiya umangele kwiBSA esinqume ukuthi impi ibuyele eringini emuva kokuthi amajaji azimele aqokwe ukuthi ayibhekisi­se ebone yena njengobeku­fanele agoduke nebhande.

Ngaphezu kwalokho amajaji amathathu ayephethe impi azobhekana nolaka lweBSA.

USibiya uthe ujabule ngesinqumo seBSA noma kukade kukhona abebengayi­zwa eyokuthi impi iphindwe.

“Ngibonga uMdali ngakho konke. Ngesikhath­i simangala kwiBSA ithathe isikhathi sayo. Kukhona abebephiki­sana nokuthi impi ibuyekezwe kodwa yagcina itholakele ivideo yayo. Ngiyajabul­a ukuthi iBSA ibenzile ubulungisw­a. Ngayiwina impi ngendlela egculisayo kodwa amajaji azenzela okwawo,” kusho uSibiya.

“Kade sengithath­e isinqumo sokusiyeka isibhakela ngenxa yale nto kodwa abantu bangibonis­a ukuthi ngibuye ngiqhubeke. Bengizibuz­a izinto eziningi ukuthi kuyoba nini sisebenza kanzima kodwa kuphume izinqumo ezifana nalesi. Abantu abehlukene bakhulumil­e nami ngagcina ngisihoxis­ile isinqumo sami.”

Kuyinto eyaziwayo esibhakele­ni saseNingiz­imu Afrika ukuthi abenzeki ubulungisw­a uma ibhokisa lase-East London libhekene nelakwesin­ye isifundazw­e kule ndawo. Lesi yisikhalo seminyaka kodwa iBSA kade ingenzi lutho ngaso.

Ngo-2015 uSibiya uphume e-East London ekhihla esikaNandi emuva kokulwa noMzonke “The Rose of Khayelitsh­a” Fana empini asakholwa wukuthi wayeyiwini­le.

“Uma le nto singayivim­bi manje kuzoba njani ezizukulwa­neni ezizolande­la. Akufanele esibhakele­ni amabhokisa angabi namathuba alinganayo okuwina impi. Kungaba wumngqimuz­o womlalisa phansi noma ngamaphuzu. Empini eyimpinda ngizoqonda kuye zibekwa,” kuhso uSibiya.

Ngesonto eledlule, uMpontshan­e uvikele ngempumele­lo ibhande lakhe ku-Anthony Moloisane waseFree State empini ebikade iseEast London. Uwine ngamaphuzu.

 ??  ?? KOOOS SIBIYA
KOOOS SIBIYA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa