Isolezwe

UChris ungene ngephutha ekulingise­ni

- NOKUBONGWA PHENYANE NOKUBONGWA PHENYANE

ABANYE bamazi njengoba eseyinkosi uDabula Ngubane emdlalweni Isibaya.

Kodwa uChris “Q” Radebe, ozalwa eXopo, ukhule eseGoli, ungumbhali wemidlalo eminingi kuleli, emikhulu nehamba phambili.

Le nsizwa isiveze ukuthi inesandla ekubhalwen­i kwemidlalo okukhona kuyo iZabalaza, The River, The Queen, Rhythm City, Uzalo, Isibaya, Abomama neminye.

UChris uthi ekulingise­ni ungene ngephutha njengoba uthando lwakhe lusekubhal­eni imidlalo ehlukene.

“Ukubhala angikufund­elanga njengoba u-martic wami ngingawuph­asanga nangendlel­a. Ngemuva kokushonel­wa yiwona wonke umndeni wami ngabona ukuthi kunokuthi ngihlale ngibalise kungcono ngifune into engizoziph­ilisa ngayo, kula ngahambela khona izindawo eziningi ngaze ngangena kulo mkhakha,” kusho uChris.

Ekulingise­ni uthe ungene ngemuva kokubonwa u-Angus Gibson weBomb Production, ekhiqiza Isibaya.

“Lapha sasibhalel­a khona umdlalo Abomama kwakusenda­weni eyodwa nala kusebenzel­a khona iBomb. Ngathi ngiphuma ngiya endlini encane u-Angus wangibona wangibiza wacela ukuthatha isithombe sami. Ngemuva kwalokho akukho akukhuluma nami wangishiya ngikhexile. Ngabe sengithola ucingo engitshela ukuthi kukhona indawo afuna ngiyilingi­se emdlalweni Isithembis­o, eyomuntu oyisigeben­gu futhi izosheshe iphele. Ngenxa yokuthi bathi izosheshe iphele ngavuma ngayithath­a,” kuchaza uChris.

Uthe ngemuva kokuqeda leyo ndawo uDesiree wakhona eBomb wamtshela ngendawo kaDabula, wamncenga ukuthi ayithathe njengoba engamboni omunye engamfanel­a.

“Ngiyayitho­kozela kakhulu le ndawo futhi nokulingis­a ngiyakujab­ulela manje, kodwa akuyona into engizogxil­a kuyo. Emdlalweni Isibaya abantu basazomdin­elwa kakhulu uDabula njengoba eyinkosi enenhliziy­o embi futhi efuna ukuhlala ibona abantu behlukumez­ekile. Abantu abafana noDuma noMpiyakhe Zungu basazohluk­umezeka ngaphansi kwale nkosi. Ngiyaxolis­a kakhulu kubabukeli kodwa engifuna bakwazi ukuthi mina angiyena nje umuntu onenhliziy­o embi ngisho utshwala nogwayi angikuthin­ti,” kuchaza uChris.

 ?? Isithombe: SIMPHIWE MBOKAZI ?? ULERATO Sengadi ufake umndeni kaHHP enkantolo njengoba ethi ufuna zonke izinto zalo mculo futhi ufuna ukuzingcwa­bela yena njengoba ngokwakhe uLerato bebeshadil­e kodwa ubaba kaHHP uveze ukuthi uLerato ubesehluke­ne nendodana yakhe futhi abakaze bashade THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
Isithombe: SIMPHIWE MBOKAZI ULERATO Sengadi ufake umndeni kaHHP enkantolo njengoba ethi ufuna zonke izinto zalo mculo futhi ufuna ukuzingcwa­bela yena njengoba ngokwakhe uLerato bebeshadil­e kodwa ubaba kaHHP uveze ukuthi uLerato ubesehluke­ne nendodana yakhe futhi abakaze bashade THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? UCHRIS ‘Q’ Radebe olingisa emdlalweni Isibaya uthi yize abantu besazomdin­elwa uDabula ngendlela azokwenza ngayo izinto kodwa yena empilweni yakhe yangempela akafani noDabula. Uthi ulungile futhi utshwala yinto angayazi nokuthi inambithek­a kanjani
Isithombe: INSTAGRAM UCHRIS ‘Q’ Radebe olingisa emdlalweni Isibaya uthi yize abantu besazomdin­elwa uDabula ngendlela azokwenza ngayo izinto kodwa yena empilweni yakhe yangempela akafani noDabula. Uthi ulungile futhi utshwala yinto angayazi nokuthi inambithek­a kanjani

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa