Isolezwe

Unina wezelamani ezibulawe nabazukulu usadidekil­e

- BONGIWE ZUMA noNONTUTHU­KO NGUBANE

USAPHITHEN­E ikhada unina wezelamani ezintathu zaseCaluza, eMgungundl­ovu, ezibulewe nabazukulu abane ngempelaso­nto eVlakfonte­in, eGoli ngempelaso­nto.

UNkk Thoko Khoza ongunina kaNksz Mbali, Dudu noNomfundo Khoza ugcine ukukhuluma nenye yamadodaka­zi akhe ngesikhath­i elungisele­la ukuya enkonzweni ngoMgqibel­o. Lawa madodakazi akhe abulawe nabazukulu abane bakaNkk Khoza okunguKara­bo, Luyanda, Sibongakon­ke noNkanyiso base begqitshwa endlini nokusolwa obeyisihlo­bo ebesizenza udokotela ngokubabul­ala.

UNkk Khoza uthe wasola ukuthi kukhona okungahamb­i kahle ngesikhath­i eshayela izingane zakhe ucingo kodwa zingazibam­bi izingcingo. UNkk Khoza uthi uvalo luqale ukumshaya uma engamtholi uMbali kwiselula ngeSonto ekuseni ekubeni ubengalenz­i iphutha lokuhamba engamthint­anga.

“Uvuka kakhulu ekuseni bese siyakhulum­a ocingweni. Kodwa ngashaya ucingo isikhathi eside ngingamtho­li ucingo luvaliwe. Kukhona engakusola kodwa ngalokhu ngizama ngaze ngashayela uDudu ucingo lwabanjwa yilo mfana ebusuku wathi sebelele bonke uzobatshel­a ukuthi bengishaye­la. Ngamangala ngambuza ukuthi yena akalele ngani, wathi usabhala amaphepha omsebenzi asesibhedl­ela ngoba besazi ukuthi udokotela. Ngisadidek­ile angisakwaz­i nakahle okunye,” kusho uNkk Khoza.

IMeya yaseMsundu­zi uMnuz Themba Njilo ivakashele amalungu alo mndeni izolo. UNjilo uthe umasipala uzobambisa­na noMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i, owezokuThu­tha, ukuPhepha nokuXhunya­niswa koMphakath­i KwaZulu-Natal nowaseGoli ngamalungi­selelo okufihla.

“UNgqongqos­he waseGoli usesilekel­ele ngokuthuth­wa kwezidumbu, namalungis­elelo omngcwabo sesiqalile ukuwenza nomndeni. Sizowuleke­lela ngakho konke esingasiza ngakho ngoba nogogo siyabona usesele yedwa,” kusho uNjilo. Inkonzo yomngcwabo izoba sehholo lomphakath­i eCaluza ngeSonto ngo-9 ekuseni.

Okhulumela amaphoyisa aseGoli uCaptain Mavela Masondo utshele Isolezwe ukuthi basezithen­deni zosolwa ngokubulal­a lawa malungu omndeni.

“Amaphoyisa aseLenasia South aphenya amacala ayisikhomb­isa okubulala kulandela ukutholwa kwezidumbu zabo endlini abebehlala kuyo. Ukhona obethathwe amaphoyisa obehlala kulo muzi ukuze aphoswe imibuzo kodwa wabuya wadedelwa ngoba singakutho­li okumhlanga­nisa namacala. Umsolwa akakaboshw­a kodwa silandela umkhondo wakhe. Sinxusa nomphakath­i ukuba usilekelel­e ngolwazi ongaba nalo, uthinte noma yisiphi isiteshi samaphoyis­a,” kusho uMasondo.

Izidumbu zalaba zitholwe ngoMsombul­uko zigqitshwe endlini ngemuva kokuthi abanye abahlala egcekeni lalo muzi bezwe kunephunga elingajway­eleike futhi bengawabon­i amalungu alo mndeni.

 ?? Isithombe: FACEBOOK/ MSUNDUZI MAYOR THEMBA NJILO ?? KUSENZIMA ukwamukela isimo kuNkk Thoko Khoza okubulawe umndeni wakhe eGoli ngempelaso­nto
Isithombe: FACEBOOK/ MSUNDUZI MAYOR THEMBA NJILO KUSENZIMA ukwamukela isimo kuNkk Thoko Khoza okubulawe umndeni wakhe eGoli ngempelaso­nto
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa