Isolezwe

Bashaya amakhala ngokuthiwa uboshwe wase ededelwa

- NONTUTHUKO NGUBANE

UMNDENI wentombaza­ne (10) yaKwaMaphu­mulo ushaya amakhala ngendoda ewumakhelw­ane okuthiwa idlwengule indodakazi yawo yaboshwa kodwa yabuye yadedelwa.

Unina womgilwa, igama lakhe elingeke lidalulwe, uthe basaba ukuthi indoda ingabahlas­ela noma yinini kodwa kabazi ukuthi bazocasha kuphi. Indodakazi yakhe uthe idlwengulw­e ngoMgqibel­o, ngeSonto ekuseni bavuka bayovula icala esiteshini samaphoyis­a KwaMaphumu­lo.

Uthe indodakazi yakhe yabonakala iphuma endlini yendoda bathi uma belandelel­a bathola ukuthi ubeyindlwe­ngula.

“Ngathola ukuthi indodakazi yami ijwayele ukuya kule ndlu uma ngingekho ayithume amanzi bese eyinikeza uR2, ayidlwengu­le. Uma siyibheka sathola ukuthi ngempela ingane ihlukumeze­kile. Sivuke ngeSonto saya esiteshini samaphoyis­a KwaMaphumu­lo, basiphuthu­mise esibhedlel­a lapho ifike yahlolwa khona udokotela, waqiniseki­sa ukuthi ihlukumeze­kile. Sibe sesivulelw­a icala. Amaphoyisa asitshele ukuthi uma sesibuyela ekhaya simbona umsolwa asowathint­a ukuze ambophe. Nangempela ngo-8 ebusuku sishayile amaphoyisa akhala ngeveni. Ngabo-11 aphinde asithinta esefuna siwayalele. Sivuke sawakhombi­sa umsolwa, amfaka evenini ahamba naye,” kusho unina wengane.

Uthe ushaqekile esethintwa wumphenyi wecala ngoMsombul­uko ebuza umsolwa.

“Kungimanga­zile ukuthi umbuza kanjani umsolwa ngoba wayeboshwe ebusuku ngeSonto. Uma sesiya esiteshini satshelwa ukuthi emafayelen­i abo akukho siboshwa esifike namaphoyis­a. Sibe sesicela incazelo basitshela ukuthi amaphoyisa abesebenza avale amaselula awaziwa. Lokhu kuyasithus­a kakhulu ngoba asazi ukuthi uphi umsolwa nokuthi uzosihlase­la yini ukuqeda icala,” kusho unina wengane.Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aKwaMaphum­ulo aphenya icala lokudlweng­ula.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa