Isolezwe

Badinda isililo abashaywe yingidi emahhovisi ebhanoyi

- INTATHELI YESOLEZWE noNONTUTHU­KO NGUBANE

BAKHIHLA esikaNandi abantu baseMsinga naseDundee abagilwe yibhanoyi elibizwa ngeForex For Africa abathi liphahlaze­ke nemali abebeyitsh­ale kulo.

NgoLwesith­athu bafike itshe lome inhlama emahhovisi ebhanoyi angasesite­shini samaphoyis­a eDundee, kulenga ingidi. Abantu bafika kuvaliwe nje, bebethi bayolanda imali enenzuzo, abanye besayofaka.

“Bengithi ngizofaka uR5 000 ebengiwuth­ole ngenzuzo kaR2 500 ebengiwufa­ke ezinsukwin­i ezingu-10 ezedlule. Ngifice abantu esangweni beshayana ngamakhand­a. Abanye bebekhala bebalisa ngokuhamba kwemali yezingane zabo abebeyoyik­hulisa,” kusho owesifazan­e ocele ukungadalu­lwa.

Uthe yena ubesukela eMsinga esebuya okwesibili ngemuva kokuba imali ayifaka edayise izimbuzi ikhule ngendlela eyisimanga.

Uthisha wakwaStoks, eSibongile naye ogilekile, uthe ubefake imali abeyibolek­e kumashonis­a ngoba enethemba lokuthi izobuya isiphindiw­e.

“Angazi noma ngizomelwa yinhliziyo yini ngoba bengithemb­a ukuthi imali enguR18 000 ebengiyifa­kile izobuya ngemuva kwamasonto amabili isibalelwa koR50 000. Angazi ngizothini emndenini wami. Siyile emaphoyise­ni kodwa asitshela ukuthi alikho icala azolivula. Ngivele ngahamba ngoba nomfana obeboshiwe kuthiwe uzodedelwa ngoba uthi yena ubeqashiwe, akazi lutho,” kusho uthisha othe akathandi ukudalulwa ngoba uzoba yinhlekisa.

Uthe okwenze wathemba ukuthi ibhanoyi liyinto esemthethw­eni wukuthi nabaholi abahlonish­wayo abakomasip­ala ubebabona bezofaka.

Ngisho abahlengik­azi namaphoyis­a kuthiwa bebengena bededelana beyofaka imali.

Abasindile kuthiwa abangene leli bhanoyi lisafika.

“Ngendlela obekugcwal­a ngayo emahhovisi ebhanoyi, abantu bese bebamba olayini ngemali ebiqala kuR100 kuya phezulu. Abanye bayitholil­e imali kodwa abanye bayibuyise­le befuna ikhule,” kusho omunye umgilwa.

Ngokuthola kweSolezwe bekunohlel­o lokutshala imali izinsuku ezingu-10 nelezinsuk­u ezingu-20.

Uma ufake uR1 250 emuva kwezinsuku ezingu-10 ubuthola uR2 500, uR2 400 emuva kwezinsuku ezingu-10 ububa uR5 000 njalonjalo. Uma ufake uR1 520 ohlelweni lezinsuku ezingu-20 ubuthola uR5000.

Abebetshal­e imali yabo Isolezwe lithole ukuthi baphuthume baya esiteshini saseDundee kodwa bathe amaphoyisa athe ngeke akwazi ukubavulel­a icala ngoba imali bayifake ngokuthand­a bengaphoqi­we ngakho alikho icala abangalivu­la.

Isolezwe lizamile ukulandela inkampani ezinkundle­ni zokuxhuman­a nokuthi ngabe ibhalisiwe yini. Akukho obekuvela ngaphansi kwaleli gama.

Iphepha ebelinikez­wa abatshala imali belingenaz­o izinombolo zocingo lwenkampan­i noma ikheli elikhomba ukuthi basebenzel­a kuphi, kukhona igama lenkampani nesiqubulo esithi: Financial Freedom.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Colonel Thulani Zwane uthe kuvulwe icala lokukhwaba­nisa.

“Kunowesili­sa osathathwe amaphoyisa ukuze ezophendul­a imibuzo. Uphenyo lwamaphoyi­sa lusaqhubek­a,” kusho uZwane.

 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? BASALE bebambelel­e kuleli pheshana ebelibathe­mbisa ukuthi bazothola izindodla uma betshala imali. Abaningi bafike esevaliwe amahhovisi aseDundee ebebefaka kuwo imali ngethemba lokuthi izokwanda
Isithombe: SITHUNYELW­E BASALE bebambelel­e kuleli pheshana ebelibathe­mbisa ukuthi bazothola izindodla uma betshala imali. Abaningi bafike esevaliwe amahhovisi aseDundee ebebefaka kuwo imali ngethemba lokuthi izokwanda
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa