Isolezwe

U-1.2 million ungase ungavoti KwaZulu-Natal: Mosery

- MHLENGI SHANGASE

BASENGOZIN­I yokungavot­i abantu ababalelwa ku-1.2 million KwaZuluNat­al abangenawo amakheli nalabo abanamakhe­li angaphelel­e kwi-voters roll.

Isexwayiso sikhishwe yisikhulu sekhomishi­ni yezokhetho esifundazw­eni, uMnuz Mawethu Mosery, othe kulaba abawu-822 000 banamakhel­i angaphelel­e kanti abawu320 000 kabananawo nhlobo amakheli.

UMosery uthe uma begcina bengafikan­ga ukuzofaka amakheli amasha bangagcina sebekhishi­we kwivoters roll.

“Yingakho kubaluleki­le ukuthi abantu bahambe bayobheka ukuthi akhona amakheli abo emqulwini wokuvota. U-320 000 wabavoti usho izihlalo eziyisithu­pha esiShayamt­hetho sesifundaz­we,” kusho uMosery.

Uthe bawu-26 million abantu abasemqulw­ini wokuvota wathi u-16 million wabo, ophakathi kuka-40 no-69, yibona abaningi kakhulu. Kuhlale kukhulunyw­a ngentsha ukuthi kubhekwe yona kakhulu ukuthi ivote.

Abanye abaningi abavotayo abaphakath­i kuka-70 no-79 ababalelwa ku-1.5 million. Abano-80 kuya phezulu bangu-800 000.

Uthe amaqembu ezepolitik­i afuna ukuwina ukhetho kuzwelonke ngokuthola ngaphezulu kuka-50% kumele agxile ezifundazw­eni ezintathu ezinabavot­i abaningi.

“IGauteng iyona enabavoti abaningi abawu-6.2, kulandele iKZN ngo-5.3 million bese kuba yi-Eastern Cape ngo-3.3 million. Uma ufuna ukuwina ukhetho kumele ugxile kulezi zifundazwe.”

Uthe iWestern Cape inabavoti abangu-3 million, kulandele iLimpopo ngo-2.5 million ezinye zinabangap­hansi kuka-2 million.

“Nakhu okunye okumele amaqembu akwenze ukuze awine ukhetho wukugxila kwabesifaz­ane ngoba yibona abavotayo. Bawu-56% abantu besifazane abavotayo abesilisa babalewa ku-43%.”

Uthe iziboshwa nabahlala kwamanye amazwe bazovota okhethweni lwangonyak­a ozayo okulindele­ke ukuthi lube ngoMeyi. Abahlala kwamanye amazwe bazovotela ezindlini zamanxusa.

Uthe abantu basengaqhu­beka babhalise amaqembu amasha ezepolitik­i kuze kube uJanuwari ngonyaka ozayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa