Zisenkingeni iziguli eKing Dinuzulu
ZITHWELE kanzima iziguli zasesibhedlela iKing Dinuzulu ezibuyiselwa emuva ngoba kukhalwa ngokushoda kwabasebenzi.
Iziguli zakulesi sibhedlela kuthiwa kusukela ngoMsombuluko zitshelwa ukuthi azigoduke zibuye ngakusasa ngoba kunenkinga yokushoda kwabasebenzi okubalwa kubo odokotela.
Umthombo ongaphakathi kulesi sibhedlela uthe iziguli ezelashwa bese zigoduka nezisuke zizokwenza eminye imicikilisho njengokulanda imiphumela yegazi nokunye ewodini labagulayo iMedical Outpatients Department (MOPD) bezibuyiselwa emuva. Uthe kubuyiselwe emuva ezingaphezulu kuka-100 ngoba kuthiwa abekho abasebenzi.
“Inkinga ibikhona kodwa enkulu ibe ngoMsombuluko la kubuyiselwe khona iziguli ezingu-105 kwase kuthi ngoLwesibili kwaphindiselwa ezingu-75. Lapho kuvele kwaba nenkinga ngoba iziguli zivuke umbhejazane zifuna ukwazi ukuthi kungani zingasizwa. Kuze kwadingeka ukuthi kubizwe onogada ukuzoqapha isimo,” kusho umthombo.
Uthe kusanda kushiya odokotela kulesi sibhedlela nokwenza ukuthi kube nodokotela abane ababhekele iziguli ezingu-300 ngosuku. Uveze ukuthi bashiye bekhala ngokuthi bagqilazekile ngenxa yomthamo weziguli eziza kulesi sibhedlela. Uthe kuyaye kuthiwe zizobonwa egunjini labalimele kodwa zigcine zingabonwanga ngoba nakhona kunengcindezi yomthamo omkhulu weziguli.
Esinye isiguli esicele ukuthi igama laso ligodlwe ngoba sesaba ukucwaswa uma siza esibhedlela siveze ukuthi sigodukisiwe ngoLwesibili.
Okhulumela iDA kwezeMpilo, uDkt Imran Keeka, uthe ubengakezwa ngale nkinga kodwa wathi kuyakhathaza uma iziguli zibuyiselwa emuva ngoba kuthiwa abekho abasebenzi abanele.
Uthe umnyango ubhekene nenkinga enkulu yokushoda kwabasebenzi wathi zilinganiselwa ku-7 928 izikhala ezingavaliwe, ezingu-2002 kulezi ngezabantu abangenzi imisebenzi yokwelapha. “Akukho okwenziwa ubuholi okukhombisa ukuthi buzimisele ngokuvala izikhala zabasebenzi abashodayo. Kwesinye isikhathi lokhu kuholela ekutheni iziguli ziphindiswe emuva kwezinye izikhungo. Kokunye kugcina ngokuthi kwenzeke amaphutha aholela ekuboshweni komnyango,” kusho uKeeka. Umnyango kusanda kuvela ukuthi ubhekene namacala ezempilo emali elinganiselwa kuR17.56 billion. Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Ncumisa Mafunda, uthe bakhathazekile ngale mibiko futhi basalinde umbiko ogcwele ovela esibhedlela. Uthe ngokwazi kwabo odokotela baseKing Dinuzulu babona iziguli ezilinganiselwa ku-30 ngosuku udokotela eyedwa. Uthe kuyenzeka kulindwe isikhathi eside ngenxa yokubekwa phambili kweziguli ezisuke zidinga usizo olusezingeni eliphezulu.
Uthe kukhona odokotela ababili abahambile ngoba bethole amadlelo aluhlaza kodwa izikhala zabo zizovalwa maduze.
“Uma ngempela bekhona abantu abajikiswe bengasizwanga, umnyango ufisa ukuxolisa nokuqinisekisa umphakathi ukuthi uma kunezingqinamba uzotholakala umnyombo wazo bese kwenziwa imizamo yokuzixazulula,” kusho uNksz Mafunda.