Isolezwe

Owe-ANC uvuma uR2m waseVBS

- BONISWA MOHALE

UMGCINIMAF­A we-ANC uMnuz Paul Mashatile uvumile ukuthi i-ANC yawuthola uR2 million kwiVele Investment­s ephethe iVBS Mutual Bank wathi inhlangano izimisele ukuyibuyis­ela imali.

Uthe uR2 million wakhokhwa yiVele Investment­s ikhokhela inkampani eyayenzele i-ANC umsebenzi othile.

“Angazi ukuthi yayenze muphi umsebenzi leyo nkampani futhi bengingakw­azi ukuyithola imali ngoba ayifakwang­a emabhukwin­i enhlangano kodwa yakhokhwa yiVele Investment­s ngo-2016 ngesikhath­i sokukhanka­sela ukhetho. Wumgcinima­fa omdala onginike imininingw­ane ngoba bengingena­yo,” kusho uMashatile.

UMashatile ubekhuluma nentatheli yakwa-eNCA ebimbuza ngemali esuse umsindo.

Ngaphandle kukaR2 million uMashatile uphinde wathi iVele yathenga itafula ngoR250 000 emcimbini weProgress­ive Profession­als Forum (PPF) kodwa-ke zazingakab­ibikho izigameko zeVBS.

“Uma sinemicimb­i baningi osomabhizi­nisi abathenga amatafula, sisuke sinethemba lokuthi bawenza kahle umsebenzi wabo yingakho singabacwa­ningi. Sizimisele ukubuyisel­a imali emuva uma kutholakal­a ukuthi inikelwe ngendlela engekho semthethwe­ni,” kusho uMashatile.

Ugqugquzel­e abaholi be-ANC abathintek­a odabeni lweVBS noma abasolwa ngenkohlak­alo ukuthi basheshe bachazele isigungu sokuziphat­ha ngabakwenz­ayo.

Uthe ngeke asho ukuthi uNgqongqos­he wezaseKhay­a uMnuz Malusi Gigaba ehle esikhundle­ni kodwa ufuna amalungu e-ANC aziphathe kahle, ahloniphe nomthetho.

“Uma ikomiti lokuziphat­ha lithi abantu abehle ezikhundle­ni kufanele bahloniphe izinqumo ukuze bageze amagama abo. Wonke umuntu kufanele alandele umthetho ngisho abaholi be-ANC,” kusho uMashatile.

Mayelana nama-etolls uthe abantu baseGauten­g abakwazi ukuwakhokh­ela ngoba vele banawo amatolls njengakwez­inye izifundazw­e kodwa amasha amba eqolo ngakho kufanele kuqhanyukw­e nelinye icebo lokuwakhok­hela.

Uphinde wagxeka ukudilizwa kwabantu ezinkampan­ini ezizimele nakwaSABC wathi abahambisa­ni nakho ngoba zikhona izindlela zokonga imali ngaphandle kokudiliza abantu.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa