Bazolwela amaphoyisa agundiswayo
UMKHANDLU omele abenkolo yobuNazaretha uthe uzowalwela amaphoyisa aphoqwa ukuthi agunde izinwele ngoba lokho kunyathela ilungelo lawo lenkolo.
Lokhu kushiwo nguMnuz Willington Myeni onguSihlalo weNazareth Judiciary Council emuva kokuba kuvele ukuthi kunabaphathi beziteshi abawanqumele ugwayi katiki amaphoyisa angafuni ukugunda. UMyeni uthe bazwile ngalolu daba futhi bazolwa baze bafike enkantolo uma kunesidingo. Amanye amaphoyisa akhulume neDaily News enguzakwabo waleli phephandaba athe atshelwe ukuthi azothathelwa izinyathelo uma engagundi izinwele nentshebe. Aveze nokuthi atshelwe ukuthi lokhu kuvele ehhovisi likaKhomishana obambile esifundazweni uLieutenantGeneral Nhlanhla Mkhwanazi.
“UMthethosisekelo wakuleli uvikela wonke umuntu nangokwenkolo yakhe. Amaphoyisa akumele aphoqwe ukuthi agunde uma kuphambene nenkolo yawo. Kumele kubekwe imibandela yokuthi izinwele azikanywe kahle zihlanzeke, kanjalo nentshebe. Sibhekene nenselelo yokuthi abanye omasiteshi vele banenkinga ngenkolo yamaNazaretha, abayithandi,” kusho uMyeni.
Uthe wonke amaphoyisa aphoqwayo kumele abikele bona emkhandlwini wabo badlulisele udaba ezinhlakeni ezifanele naseNkantolo yoMthetho-sisekelo.
Iphoyisa elicele ukungadalulwa elisebenzela kwesinye isiteshi eThekwini litshele Isolezwe ukuthi liyiNazaretha kodwa liyazama ukuhlonipha umsebenzi noma kuphambene nenkolo yalo. Lithe uma kunenhlangano enkulu yebandla alizigundi izinwele nentshebe.
Okhulumela amaphoyisa, uBrigadier Jay Naicker, uthe lona ngumthetho omdala wasemaphoyiseni awuveli kukhomishana obambile. Uthe kuwumsebenzi wawo wonke umphathi siteshi ukuqinisekisa ukuthi amaphoyisa ayayihlonipha imithetho yokuziphatha nokugqoka kahle umfaniswano.
“Uma naye umphathi siteshi ehlulekile ukwenza umsebenzi wakhe angazithola enecala lokungaziphathi kahle,” kusho uNaicker.
Udaba lwemigomo yokuziphatha kwamaphoyisa lusematheni ngenxa yephoyisa lasePinetown elidume ngokunconywa ezinkundleni zokuxhumana osekuqubuke umsindo ngoba line-tattoo engalweni. Amaphoyisa awavumelekile ukungena embuthweni enamatattoo asezindaweni ezisobala. Isolezwe lithole nokuthi iphoyisa alivumelekile nokwanga uma ligqoke umfaniswano emphakathini.