Akufakwe isandla emabhizinisini amancane
KUNIZMA ukuthola umsebenzi eNingizimu Afrika kodwa okunye osekunzima wukugcina wona lo msebenzi osuwutholile. Izibalo zakamuva ngamathuba emisebenzi ezweni ziyaliqeda ithemba njengoba iStatistics SA isanda kudalula ukuthi ukwentuleka kwemisebenzi kwenyuke kusuka ku-27% kwaya ku-27.5%.
Abantu abangu-4 million sebehlale unyaka kuya phezulu bengasebenzi, abaningi babo ngabesifazane nentsha.
Esikhundleni sokuthi kube ngcono kuya kuba nzima, ikakhulukazi kubantu okumanje abaswele imisebenzi.
Nalabo abanayo akusekho ukunethezeka njengoba izinkampani zibheka lapho zinganciphisa khona ezinye zize zithathe isinqumo sokudiliza.
Isibonelo salesi simo ngesabasebenzi bakwaSABC okumanje bahleli ngesinqe esisodwa njengoba isikhulu esiphezulu sale nhlangano yezokusakaza, uMnuz Bongumusa Makhathini, simemezele ukuthi indlela yokuvusa iSABC ebhekene nengwadla yokungabi namali, ngukunciphisa isibalo sabasebenzi.
Isimo sibucayi kanjena nje ezweni, ekuqaleni kuka-Okthoba uMengameli Cyril Ramaphosa ubize imbizo obekubhungwa kuyo ngokwakha amathuba emisebenzi ezweni.
Kule ngqungquthela izinhlaka ezehlukene okubalwa kuzo uhulumeni, izinkampani ezizimele nosomabhizinisi, basayina isivumelwano bezibophezela ekufakeni isandla emizameni kahulumeni yokwakha amathuba emisebenzi ukuze kwehle izinga labantu abangasebenzi kuleli.
Kwabuyisa ithemba ukusayinwa kwalesi sivumelwano kodwa izibalo zakamuva ziyaliqeda.
Kule minyaka engu-10 eyedlule izinga lokwentuleka kwemisebenzi linyuke lasuka ku-21.5% njengoba manje seliku-27.5%, okuthinta futhi okukhathaza izigidi zabantu ezweni.
Isivumelwano esasayinwa yizinhlaka ezehlukene engqungqutheleni yokubhunga ngamathuba emisebenzi kumele sithele izithelo ukubuyisa ithemba ebantwini nasemnothweni waseNingizimu Afrika.
Uhulumeni nezinhlaka ezinamandla mabagxile ekufukuleni nasekuxhaseni amabhizinisi amancane ngoba sesiphelile isikhathi sokulinda ukuqashwa njengoba kukhona abantu asebehlale iminyaka bengaqashwa.